Ukubheda kwesimo sezimali eGoli kungase kugaxelise izakhamizi

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Global Credit Rating ibeke iGoli esimeni esibi ngezezimali ngemuva kokuthi idolobha lihlulekile ukuhambisa izitatimende zalo zezezimali ezicwaningiwe.

Izazi zezomnotho zixwayisa ngokuthi uma iGoli lingazilungisi izimali zalo, izakhamizi zingase zibhekane nezikweletu eziphezulu zikagesi kanye nezinsiza ezintekenteke.

I-ejensi yokulinganisa ibeke iDolobha laseGoli esimweni esibi sezezimali ngesonto eledlule. Ongoti bezomnotho bathi kuyisexwayiso ukuthi izinkinga zemali kuleli dolobha zingalimaza izigidi zezakhamizi ezithembele kuyo ukuze zithole izidingongqangi.

IGlobal Credit Rating (GCR), edlelana neMoody’s, ithe iJohannesburg ihlulekile ukuthi izitatimende zayo zezimali zisayinwe nguMcwaningimabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika. I-GCR ithe lokhu kudala “ukungaqiniseki okubonakalayo” ezindabeni zezimali zedolobha.

Leli dolobha lithe izitatimende zezimali zizophothulwa ekupheleni kukaNhlaba. I-GCR ithe leli gama elibi lingasuswa uma uMcwaningimabhuku Jikelele ezamukela izethulo zedolobha bese iGoli libeka izindlela zokugwema ukubambezeleka okufanayo.

U-Lisette Ijssel de Scheepers, isazi sezomnotho e-Bureau for Economic Research, ubize lesi sinyathelo ngokuthi “yisixwayiso sangaphambi kwesikhathi kunokuba kube inkinga evumbuka esthubeni.” Uthe idolobha linesikhathi esincane sokuthatha isinyathelo, kubika i The Citizen.

“Ukwehluleka ukwenza okuthile kungakhinyabeza ukuguquguquka kwezimali kwedolobha kanye namandla okulethwa kwezinsiza ngokuhamba kwesikhathi,” kusho u-Ijssel de Scheepers.

Uthe lesimo sezimali esibi kungenzeka sinyuse izindleko zokuboleka kwedolobha, njengoba ababolekisi bazofuna inzalo ephakeme. Ukwehliswa okugcwele kwezilinganiso zezikweletu kungalandela uma izinkinga zingalungiswa, okufaka ingcindezi eyengeziwe kwisabelomali sedolobha.

UMnuz Stephen Sadie oyisikhulu seChartered Governance Institute of South Africa, uthe inkinga akukhona ukushoda kwemigomo. Kwakuwukuntuleka kwabantu abafanele emisebenzini efanele. Uthe kade omasipala bebeka ukwethembeka kwezepolitiki phambili kunamakhono.

“Into ebalulekile ikhono,” kusho uSadie. “Okushodayo ukuzimisela ngokuqoka abantu abafanele ezigungwini zethu ezilawulayo.

Isithombe esingenhla: I-Johannesburg CBD.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva