Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Uhulumeni ukhuphule iholo ngoNdasa kodwa iningi labasebenza ezindlini basahola kancane kakhulu kunemali esemthethweni.
Ubhasikidi oyisisekelo wokudla wasendlini ubiza ngaphezu komholo omncane okwenza kube nzima kubazali ukondla izingane zabo.
Uhulumeni wenyuse iholo eliphansi likazwelonke ngo-5% mhlaka-1 kuNdasa ngo-2026. Lokhu kwengeze u-R1.44 ngehora kubasebenzi abajwayelekile, okwenza iholo elisha lanyanga zonke laba ngu-R5,320.48.
Kodwa abasebenzi basezindlini abaningi bathi bahola kancane kakhulu futhi bathwala kanzima ukuhlangabezana nezidingo zansuku zonke.
UMatankiso Ranthumeng oneminyaka engu-33 ubudala usiza eGqeberha. Unakekela umndeni wabantu abane.
Uthi sekuphele unyaka iholo lakhe lingashintshi. Uhola u-R3,800 ngenyanga bese ethola ibhonasi ka-R1 000 ngoZibandlela.
“Ngike ngezwa ngayo ezindabeni futhi bengihlale ngicabanga ukuthi isebenza kubantu abasebenzela uhulumeni,” kusho yena.
Akakhonondi ngoba kunzima ukuthola imisebenzi.
UNompumelelo Zicina oneminyaka engu-42 ubudala osiza eMthatha. Unakekela umama nezingane ezine.
Uhola u-R3,500 ngenyanga futhi ubengazi ngeholo elisha elisemthethweni.
“Iningi lethu lifuna nje ukuhola, asikwazi nokubuza nge-UIF nazo zonke lezo zinto,” kusho yena.
I-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group ithi ukunyuswa kwamaholo akufani nokunyuka kwezindleko zokuphila.
Iqembu lithi ubhasikidi wokudla ojwayelekile wasendlini ubiza u-R5,328.53 ngenyanga. Lokhu kucishe kufane nomholo omncane.
Abasebenzi kumele bakhokhe u-R1,760 wokugibela izinsuku ezingu-22 no-R1,181.85 kagesi wekhadi. Lokhu kubashiya no-R2,378.63.
Ubhasikidi wokudla oyisisekelo womndeni wabane ubiza u-R3,667.72. Lokhu kushiya kushoda u-R1,289.09.
Ukondla ingane eyodwa kubiza u-R934.93 ngenyanga, kodwa isibonelelo sikahulumeni sezingane singu-R560 kuphela.
Emindenini eminingi, ukwenyuswa kwamaholo akuzange kuvale igebe phakathi kweholo nezidingo zansuku zonke.
Osesithombeni esingenhla: uMatankiso Ranthumeng.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
