Umengameli uJair Bolsonaro waduma ngokuthi i-covid-19 “umkhuhlane omcane”.
Manje usenayo.
UBolsonaro otholakale negciwane ngemuva kokuba nezimpawu , wabe esethi kumabonakude NgoLwesibili uzizwa sengathi ushisa ngokungajwayelekile.
UBolsonaro uzamile ukuletha ukukhanya ngalesi sifo futhi waze wabasembhikishweni nalabo ababephikisana nokuba khona komvalelo. Wenqaba ukufaka isifonyo waze wayalelwa yinkantolo ukuthi asifake( imiyalelo yenkantontolo yaphikisana nalokhu ayekwenza).
Ngabantu abangaphezulu kwabayi- 65 000 asebendele kobabomkhulu nabantu abangaphezulu ko 1.5 million asebethelelekile. I-Brazil yizwe lesibili elishayeke kakhulu ilandela iMelika (umengameli wakhona UDonald Trump naye uyewenza ihlaya ngalesi sifo).