Konke

Kuzokwehla intengo kaphethiloli ngoNtulikazi

Abashayeli bezimoto baseNingizimu Afrika bazothola ukuphumula kancane kumanani kaphethiloli ngomhlaka-1 kuNtulikazi ngenxa yokuthi uhulumeni uqeda ukuhoxiswa kwentela.

Kubatshazwa amagalelo eSilo samaNdebele kwezeMfundo

Isilo samaNdebele sichazwe njengesigagayi esizikhandle kanzima ukuba ulimi lwamaNdebele lufundiswe nasezikolweni eziningi nasemaNyuvesi.

Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: Amaphoyisa aseKZN azogijima kuComrades Marathon ukulwa neGBV

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.

Abasebenzi bathi ububha bubavalela emisebenzini enzima

Uphiko lwentsha lwe-ANC lufuna izimpendulo kuCartrack ngemuva kokushona kwesisebenzi esineminyaka engu-29 sisemsebenzini, kanti ithi intsha eningi izizwa ivaleleke emisebenzini enzima.

OwayenguThishomkhulu ulwa nendlala ngemifino

OwayenguThishomkhulu wesikole osewathatha umhlalaphansi uphendule ingadi yakhe yasegcekeni yaba umthombo wokudla nemali engenayo futhi manje usefundisa intsha engasebenzi ukwenza okufanayo.

Buka imidlalo yeBafana yeNdebe yoMhlaba ngo-R10

Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bangabuka iqembu labo lidlala neMexico eNdebeni Yomhlaba mahhala noma basakaze umdlalo ngamunye ngamarandi ayishumi.

UDuduzile Zuma uthi bonke abafika kuMKP bezogudluza yena abaphumeleli

Indodakazi yowayenguMengameli uJacob Zuma iphumele obala esidlangalaleni ukuthi akekho osekewayithinta kuMkhonto weSizwe Party maqede waphumelela.

Kubukeka kunokungazwani phakathi kukaMihlali noTolu?

UMihlali Ndamase noTolu Arokodare abasaxhumene ku-Instagram ngemva kokuqubuka kwamahlebezi othando ngempelasonto yeMonaco Grand Prix.

Izazelene kuNFP usihlalo oxoshiwe egolozela ubuholi

Izazelene ebuholini beNFP njengoba uSihlalo osanda kuxoshwa esikhundleni ethi akayindawo futhi ufuna incazelo kungakapheli amahora angu-48 yokuthi kulandelwe miphi imigudu kulesi sinqumo.

Kusolwa impi yozama zama ekushoneni kwabantu abangu-12 e-Cleverland

Amaphoyisa asola ukuthi impi yezimayini engekho emthethweni ingase ibe ngemuva kwesibhicongo esishiye abantu abangu-12 beshonile kwalimala abangu-10 eCleveland.

Recent articles