UDuduzile Zuma uthi bonke abafika kuMKP bezogudluza yena abaphumeleli

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Indodakazi yowayenguMengameli uJacob Zuma iphumele obala esidlangalaleni ukuthi akekho osekewayithinta kuMkhonto weSizwe Party maqede waphumelela.

UNkk Duduzile Zuma-Sambudla ukusho lokhu exoxa noZizipho kuTiktok lapho ebevulelwe khona inkundla yokukhuluma ngokukhululeka ngezinto ezithinta yena nezombusazwe.

“Engingakusho nje ukuthi laba abafika kuMKP ngoba benomqondo wokuzogudluza mina abakaze bakwenze lokho bese kubahambela kahle. Yilokho nje engingakucacisa . Okunyeke ungenza noma yini kimi eqenjini kodwa khohlwa ukuthi ungangithinta uma sengisekhaya kithi eNkandla,,” usho kanje.

Uthe iyamxaka eyalaba abagijima bayekwabezindaba besebethi yibo abamkhiphile ezinhlakeni zeqembu nasephalamende .
Echaza uthe vele yena akayena usopolitiki futhi nokuya ePhalamende, wavuma ngoba bemcela ukuyakhona kodwa esephuma , uzishiyele akekho omsulisile.

Ubuye wathinta indaba yobudlelwane bakhe nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, wathi abunyakazisa ngisho sekunzima kangakanani.

“Thina noMalema sisuka kude kabi kusuka sisaku-ANCYL. Ngakho ngisho indaba kaFloyd Shivhambu ayikaze nje isixabanise ngoba cele uShivhambu akakaze abengumngani wami. Kunalokho sasihlangana naye nje uma ehamba noMalema.kodwa hhayi ukuthi wayengumngani wami,” usho kanje.
UDuduzile ushiye ePhalamende ngoLwezi ngonyaka owedlule ngemumva komsindo wezinsolo zokuthi wadayisa izinsizwa zangakubo koNkandla nakoKranskop nakoMnambithi ezinye eziyizihlobo zakhe ezingu-17 ngemali engu-R14 million ukuba ziyolwa impi yaseRussia ne-Ukrain.
Kukhona nosezewashona okunguMnuz Sihle Makhaye waseKranskop, oshonele khona eRussia.

Izihloko zakamuva