Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane
Uphiko lwentsha lwe-ANC lunikeze uCartrack imemorandamu efuna izimpendulo kanye nophenyo oluzimele ngemuva kokuthi isisebenzi uGcina Dhladhla sishonele emsebenzini.
Abasebenzi abasebasha bathi izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi kanye nobubha kuyabaphoqa ukuthi bahlale emisebenzini noma ngabe bengeneme ngezimo zokusebenza.
Uphiko lwentsha lwe-ANC luthi inkinga yemisebenzi eNingizimu Afrika iphoqa abantu abasha ukuthi bahlale ezindaweni zokusebenza abangagculisekile ngazo ngoba abanazo ezinye izindlela.
Okhulumela uphiko lwentsha ye-ANC u-Oscar Kanyani ubekhuluma ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho ngaphandle kwehhovisi elikhulu likaCartrack eRosebank ngoLwesine, kulandela ukushona kwesisebenzi (29) uGcina Dhladhla waseMndeni eSoweto.
Uphiko lwentsha lwe-ANC eGoli lunikeze isikhulu esiphezulu sakwaCartrack South Africa uJoshua Victor imemorandum, lufuna izimpendulo ngokwenzeka ngaphambi kokushona kukaDhladhla.
Le nhlangano iphinde icele ukuthi kube nophenyo oluzimele mayelana nokuphepha emsebenzini enkampanini.
Ifuna ukuthi noma yiziphi izimenenja ezithinteka kulesi sigameko zimiswe kusaphenywa.
UKanyani uthe lolu phiko seluyitholile imiyalezo evela kubantu abathi bangabasebenzi bakwaCartrack abangeneme ngezimo zokusebenza.
“Besilokhu sithola imiyalezo yama-inbox evela kubasebenzi mayelana nezimo abasebenza ngaphansi kwazo,” kusho uKanyani.
Uthe izisebenzi eziningi ezisencane zithule ngoba imisebenzi iyindlala futhi ukuntuleka kwemisebenzi kuphezulu kakhulu.
U-Andy Shabalala we-Young Workers Provincial Task Team yeCosatu uthe abantu abasha bafanelwe okungaphezu nje kokuqashwa.
“Intsha ayifuni imisebenzi ngoba nje ifuna ukuqashwa, ifuna amaholo ahloniphekile nezindawo zokusebenza ezihlonipha amalungelo nesithunzi sayo,” esho.
Umfundi kamatikuletsheni uNkululeko Mtshali oneminyaka engu-18 naye ungenele umbhikisho.
Uthe ubehambele ukweseka umndeni kaDhladhla efuna ubulungiswa.
“Abantu bayizisulu zezimo nobubha,” kusho uMtshali.
“Intsha eningi ihleli emisebenzini engeneme ngayo ngoba ibona sengathi ayikho into engayenza.”
UMtshali uthe ukhathazekile ngekusasa lakhe njengoba elungiselela ukungena emakethe.
“Kuyangethusa ngoba maduze nje ngizozifunela mina umsebenzi, futhi ngikhathazekile ngokuthi ngingabhekana nezinselelo ezifanayo,” usho kanje.
UVictor wamukele imemorandamu egameni likaCartrack.
Uthe inkampani ibambisene ngokugcwele nophenyo.
UVictor ukuqinisekisile ukuthi uCartrack uhlangane nomndeni kaDhladhla ngoLwesithathu futhi uyaqhubeka nokuxhumana nawo.
Uthe uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika noMnyango wezokuQashwa naBasebenzi bayaluphenya lolu daba.
Uphiko lwentsha ye-ANC lunikeze uCartrack izinsuku ezingu-14 zokusebenza ukuthi aphendule izimfuno zalo.
Esithombeni esingenhla: Amalungu ophiko lwentsha lwe-ANC abhikisha ngaphandle kwamahhovisi eCartrack eRosebank kulandela ukushona komsebenzi uGcina Dhladhla.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
