Kuhlangane abesende likaZwangendaba nesizukulwane seLembe kutshalwa iSilo saseZambia

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kubuthane isizukulwane seLembe nesikaZwangendaba kutshalwa ISilo sabaNgoni baseZambia okuyiNkosi yamaKhosi uMphezeni IV esifundazweni saseChipata ngoLwesibili.

Kulo mngcwabo wasebukhosini konke kulandelwe ngokobukhosi njengoba osopolitiki bebengavunyelwe ukuba izikhulume nokuphatha uhlelo.

ISilo uMphezeni IV wakoJele nakoGumbi, sikhothame ngesonto eledlule ngemumva kokuhlatshwa ukugula okugcine kuphoqa ukuba uHulumeni ayomelapha ezweni laseNdiya.

Inkonzo yakhe yomngcwabo iwale ngokuba ngoLwesihlanu umzimba wakhe uzungeze izitaladi zaseLusaka eZambia maqede wadluliselwa esigodlweni eKuphendukeni esisrsiFundazweni iChipata okuyiseMpumalanga yezwe laseZambia.

Kuthe ngokuqhubeka kwezinsuku zangempelasonto kwatheleka amakhosi ezizwe ezahlukene zabeNgoni okubalwa neNdlunkulu kaZulu bezobhonga emswaneni.
NgoLwesibili babuthane bonke ukuyotshala umzukulwana kaZwangendaba nohlonishwa kakhulu ngokudlala indima yokubuyisana phakathi kwesizwe samaZulu nabeNgoni.

Ethula inkulumo kulo mngcwabo egameli leSilo uMisuzulu kaZwelithini, okunguMntwana uThulani waseZibindini uthe ukuhamba emhlabeni kweSilo uZwangendaba kufane nokuwa komuthi omkhulu maqede kwanyakaza izinkalo zonkana kwaze kwayoshaya kwelakwaZulu.

“ISilo uMphezeni besiyinsika yobukhosi babeNgoni futhi singumhlanganisi obumbe ukuzwana okuqinile phakathi kwabeNgoni namaZulu. Umlando awushiyile nosukela kwiLembe nakuZwangendaba uwuqinise kakhulu ngobudlelwane obungasoze bushabalale phakathi kwesizukulwane salamakhosi,” kusho uMntwana uThulani.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSilo uMphezeni kwathi ukhokho wakhe uZwangemdaba kaZwide ebalekela Shaka kaSenzangakhona ngeminyaka yawo-1800, ngezikhathi zezimpi ezinzima okwakuthiwa iMfecane, wawelela ezweni laseZambia maqede wadlulela eTanzania.

Kwathi ngemumva kwalokho wabuyela eZambia nokuyilapho akhothamela khona.

Lokho kwenza ukuthi kubenesinye isizwe sabaNgoni eTanzania esihlonishwayo nanamuhla.

AbaNgoni babaleka basabalala eZambia, eMozambique, eMalawi naseTanzania.

Bahlangana njalo ngonyaka begubha umkhosi weNcwala.

Izihloko zakamuva