Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ibhixene phakathi kukaNgizwe Mchunu noNdunankulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ngodaba lwamabutho asemahostela ajoyina imibhikisho yokulwa nabakuleli ngokungemthetho.
Lokhu kulandela ukuthi uNdunankulu kaZulu ezwakalise ukungenami ngokufakwa kwamabutho asemahostela kule mibhikisho.
Uthe uyedwa kuphela umuntu onelungelo lokuqoqa amabutho, iSilo esibusayo, uMisuzulu kaZwelithini.
“Akekho umuntu onelungelo lokuphaka impi yamabutho ngaphandle kweSilo. Ngakho abenza lokho baphula umthetho,” kusho uButhelezi.
Uthe engakaligwinyi, uNgizwe wagxuma wahlala ethi akekho ozomvimba ukulanda izinsizwa azifake emibhikishweni yokulwa nabokufika abangenawo amaphepha.
“Akekho ozongitshela ukuthi yini okumele ngiyenze noma ngingayenzi emahostela ngoba singabahlali baseNingizimu Afrika,sihlukumezeke sonke ngenxa yalaba bantu abenza ubugebengu ngoba bazi kahle ukuthi abakwazi ukubanjwa ngenxa yokungabi namaphepha.Ngaphandle kwalokho amakhosi nezinduna esitshelwa ngazo bathule abasho lutho ngalenkinga exake umphakathi wonkana,” kusho uNgizwe.
Kuthe kusenjalo uButhelezi washinga wagadla wathi abantu abaqoqa amabutho ngoba bengahloniphi futhi bethuka abantu abaziwa eNdlunkulu.
Uthe abantu abaziwayo eNdlunkulu kaZulu uPhakelumthakathi Ndabandaba noNkk Jacinta Ngobese-Zuma abathole nezibusiso eSilweni ngomsebenzi wabo wokulwela izwe.
