Basathule eCebolethu ngebhokisi likaBhishobhi elitholwe ligcwele izitini zokwakha

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Lisathule du ICebolethu Funeral Group ngesigameko somngcwabo kaMengameli webandla lamaZayoni iNyonini Emhlophe,OSizweni okuthokakale izitini zokwakhe ebhokisini lakhe lo mngcwabo esikhundleni somzimba.

UBishop Elijah Nkonyane kuthiwa kuthuke amakholwa nomndeni boma ngesikhathi kutheleka amaphoyisa nomunye wamakhosikazi bezomisa umngcwabo obugcwele uphuphuma kukhona nezikhulu okubalwa kuzo uDkt Zweli Mkhize.

Ngemumva kwalesi sehlakalo umphakathi namakholwa bangene ezinkundleni zokuxhumana bebuza abaseCebolethu ukuthi uphi umzimba kaBishop Nkonyane.

Abanye bebefisa ukwazi ukuthi ngabe ibhokisi liphume kanjani emakhazeni ligcwele izitini futhi ubani obenza lo mkhuba.

IScrolla.Africa sizamile ukuxhumana nabeCebolethu ukuze baziphendulele mayelana nalenzukazikeyi.

UMnuz Nkosenhle Hlophe wezokuxhumana eCebolethu utshele iScrolla.Africa ukuthi uzokwazi ukukhipha isitatimende ngemumva kwehora kodwa nalo kushaye ledlula.

Kuthe sekubuyelwa kuye wathembisa imizuzwana emibili kodwa nakhona ugcine engasatholakali ocingweni.

Abomndeni wakwaNkonyane baphuthume emaphoyiseni bavula icala ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe baphenya icala lokukhwabanisa ngalolu daba.

Izihloko zakamuva