OwayenguThishomkhulu ulwa nendlala ngemifino

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

OwayenguThishomkhulu uGeorge Ramodike waqala ingadi encane ngesikhathi sokuvalwa kwe-Covid-19 futhi manje usedayisela abahwebi bendawo imifino nezithelo.

Ufundisa intsha engasebenzi ukuzilimela ukudla nokuthola imali ngokulima.

UThishomkhulu osewathatha umhlalaphansi wase-Tzaneen ufakazela ukuthi ingadi encane ingabeka ukudla etafuleni futhi idale amathuba kubantu abasha.

UGeorge Ramodike (72) waseMokgolobotho Village eLimpopo, waqala ingadi yakhe yasekhaya ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19 ngo-2021.

Ekuqaleni, ingadi yayimane nje iyindlela yokuzigcina ematasa ngesikhathi sokuthatha umhlalaphansi nokutshala imifino emisha yomkhaya wakhe.

Kodwa uRamodike washeshe wabona ukuthi wayesebenzisa imali encane kakhulu ekudleni ngoba wayengasadingi ukuthenga imifino ezitolo zendawo nakubadayisi basemgwaqeni.

Okwaqala kuwumsebenzi omncane ongasemuva kwegceke ngokushesha kwakhula kwaba ingadi echumayo yokudla.

Namuhla, utshala isipinashi, ubeetroot, u-anyanisi, utamatisi, umbila, ubhatata, ubhanana nopopo.

Uthengisela abadayisi bendawo eminye imikhiqizo ngesikhathi egcina okwanele ukondla umndeni wakhe.

URamodike uthe ingadi imsize ukuthi onge imali futhi athole imali eyengeziwe ngesikhathi esifanayo.

“Ngabona ukuthi ingadi yenza okungaphezu kokungigcina ngimatasa, ibingisiza ukuthi ngibeke ukudla etafuleni ngibeke nemali nyanga zonke,” usho kanje.

Ebona intsha eningi ihlezi ekhaya ingasebenzi, uRamodike wanquma ukwabelana ngolwazi lwakhe.

Eminyakeni emibili edlule, waqala ukumema abantu abasha abangasebenzi emphakathini wangakubo ukuthi bafunde ukutshala nokunakekela izingadi zabo.

“Ngibone kunesidingo sokuthi ngifundise intsha ukutshala ukudla, uma ikwazi ukuzitshalela imifino ikwazi ukondla imindeni yayo iphinde idayise eminye imikhiqizo ukuze yenze inzuzo,” usho kanje.

Iningi labantu abasha selokhu laziqalela izingadi ngemuva kokufunda kuye.

Omunye wabo nguNkateko Ndlovu osenephupho lokwakha ikusasa kwezolimo.

“Ngifuna ukwenza izifundo zezolimo eLetaba Technical and Vocational Education and Training College ngifunde kabanzi ngokulima,” kusho uNdlovu.

“Iphupho lami wukuba nepulazi ngelinye ilanga ngihlinzekele abathengisi abakhulu ngemifino nezithelo.”
URamodike ukholelwa ukuthi ukulima kwengadi yasekhaya kungasiza imindeni ukuthi iphile ezikhathini ezinzima zomnotho kanye nokukhuphuka kwamanani okudla.

Ukhuthaza yonke imizi ukuthi isebenzise noma iyiphi indawo ekhona ukutshala ukudla.

“Awudingi ipulazi elikhulu ukuze uqale. Ngisho nengadi encane yasemuva ingenza umehluko omkhulu,” usho kanje.

URamodike uthemba ukuthi abantu abasha abaningi bazobona ukulima njengebhizinisi hhayi nje ukuzilibazisa.

Ukholelwa ukuthi ukutshala ukudla kungasiza ukulwa nendlala, kwehlise izinga lokuntuleka kwemisebenzi futhi kwakhiwe imiphakathi eqinile.

“Ukudla kuyabiza futhi imisebenzi ayitholakali, ingadi ingasiza imindeni ukuze ikwazi ukuthola imali,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: UThishomkhulu osewathatha umhlalaphansi uGeorge Ramodike ufundisa abantu abasha indlela yokulima ukudla nokuthola imali ngokulima.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva