Izazelene kuNFP usihlalo oxoshiwe egolozela ubuholi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izazelene ebuholini beNFP njengoba uSihlalo osanda kuxoshwa esikhundleni ethi akayindawo futhi ufuna incazelo kungakapheli amahora angu-48 yokuthi kulandelwe miphi imigudu kulesi sinqumo.

UMnuz Sibusiso Shevu Mkhabela kuthe namhlanje ekuseni wabhalela incwadi ubuholi beNFP ebubiza eshashalazini ukuba buchaze ukuthi ngabe sebuphendula leli qembu umasigcozi noma inhlangano yabantu abathize na.

“Akukwazi ukuthi umuntu okhethwe ingqungquthela bese kuvele kubanesinqumo esivumbuka esithubeni kuthiwe usexoshiwe esikhundleni ekubeni kungazange kuhlale ngisho izinhlanga zangaphakathi zokuqondisa izigwegwe. Ngifuna ubuholi bucacise ukuthi ngabe imuphi lo mthethosisekelo weNFP abawulandelile,,” kubuza uMkhabela.

UMkhabela ubuye abeyiMeya ye-NFP kumasipala waseDumbe ePaulPietersburg ngaphansi kwesiFunda iZululand.

Ukuxoshwa kwakhe esikhundleni nasesigungwini sikazwelonke kulandela ukuthi ephumele obala ngokweseka uNksz Mbali Shinga osanda kuxoshwa eqenjini ngoba esolwa ngokugolozela iqembu ukuba avote neMKP.

UMkhabela uthe iNFP akulona iqembu lasemzini womuntu kodwa inhlangano enamagatsha nezifunda nezinye izinhlaka lapho amalunga ayo ebanemigomo ayilandelayo ngisho kuthathwa izinqumo.

Uthe kumele abantu bakhumbule ukuthi iNFP inabavoti namalunga asakholelwa ezinkambisweni zomsunguli wayo ongasekho, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi.

UNobhala-Jikelele weNFP osabambile, uMnuz Sunset Xaba ngesikhathi ethintwa iScrolla.Africa ukuba aphawule uthe usabambeke emhlanganweni kodwa imibuzo achazelwe ngayo ngoWhatsapp ukuze aphendule, kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakaphawuli.

Izihloko zakamuva