Trolley
Prices: PMBEJD Household Affordability Index, March 2026 · See full basket →

Izindaba Scrolla

“UMnyango Wezasekhaya uyicekele phansi impilo yami”

Walala nesikhulu soMnyango Wezasekhaya. Wahlaba nembuzi. Kodwa usanomazisi ongafanele.

Amaphoyisa abophe umsakazi osolwa ngokushayela ngesivinini

Umsakazi we-POWER Breakfast uFaith Mangope uboshwe ngoLwesihlanu ngokusolwa ukuthi ushayele ngesivinini se-163km/h esikhundleni se-100km/h.

Owesifazane ophazamisekile engqondweni uthunjiwe, wadlwengulwa futhi washiswa

Owesifazane ophazamisekile engqondweni oneminyaka engama-37 ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuthi kusolakale ukuthi uthunjiwe, wadlwengulwa futhi washiswa ngumakhelwane ngeSonto ekuseni.

IAfrika inethalente – futhi uGabisile ungubufakazi

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa, uGabisile uluvezile uhambo lwakhe olusha embonini yezokuzijabulisa.

Ukunyuka kwentengo yamazambane kulimaza kakhulu abampofu

Ukunyuka kwentengo yamazambane okungalindelekile kushaye kakhulu abampofu eNingizimu Afrika.

Ukugcina isiko ngomculo kaMaskandi

UBrian uthe umculo uyikhambi elilapha futhi livuselele umphefumulo womuntu. Futhi umculo wesintu ukhumbuza abantu ngemvelaphi yabo.

Iqembu labancane lase-Ukraine phezulu

Iqembu lase-Ukraine i-Shakhtar Donetsk lishaye ompetha base-Spain i-Real Madrid ngamagoli amathathu kwamabili NgoLwesithathu emdlalweni wesikwati sabo sentsha.

“Sala kahle Armani”

Ukuqhekeka kosopolitiki kanye nosomabhizinisi ngama-Hawks kufinyelele eculweni.

“Ukuhlaselwa kukaNkulunkulu”

UShepherd Bushiri, ozibiza ngomprofethi aphinde abengumholi we-Enlightened Christian Gathering Church (ECG), kanye nonkosikazi wakhe, uMary, banqatshelwe ibheyili enkantolo yemantshi yase-Lumia ePitoli NgoLwesithathu.

Ukubulala okwenziwe ngamasosha kushaqe i-Nigeria

I-Nigeria ishaqekile ngemuva kokuthi amasosha evulele ngenhlamvu kubabhikishi ababethukile ngoLwesibili ebusuku abathathe ividiyo begwaca futhi bememeza.

Izingozi zomgwaqo zihlasele iKwaZulu-Natali

Owesifazane okhulelwe ubephakathi kwabagibeli abayi-16 abashonile, ngesikhathi itekisi ishayisana neloli engozini enyantisayo eNyakatho yaKwaZulu-Natali ngoLwesithathu ekuseni.

Isimangaliso sesibili sikaRashford eParis

Ukudlala ngokuzimisela kukaMarcus Rashford ngomzuzu wokugcina kwenze i-Manchester United ukuba inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa ngesikhathi idlala ne-Paris Saint Germain ngoLwesibili ebusuku.