Umphathi werenki yamatekisi udutshulwe wabulawa

Xolile Nkosi

Izimpi zamatekisi ezingapheli esezihluphe le mboni amashumi eminyaka kungenzeka ukuthi zibange esinye isisulu.

NgoLwesithathu ebusuku, ngesikhathi abagibeli abebethukile babukele umphathi werenki uXolani Nthsingila edutshulwe phambi kwabo erenki yamatekisi eMnambithi.

UXolani noma uXamu okuyigama lakhe aziwa ngalo abantu abaningi, nguyena kuphela obebeka isinkwa etafuleni ekhaya kwaNthsingila.

Umalume wakhe uVimbela uthe, uXamu akazange abatshele ukuthi impilo yakhe ingaba sengcupheni.

“Asifuni ukuqagela. Sizolinda amaphoyisa asinikeze izimpendulo,” kusho uVimbela.

UVimbela uveze ukuthi kuthathwe isibhamu sakhe kuphela.

Umbango phakathi kwalezi zinhlangano zombili ubandakanya umzila omphakathi neGoli – naseThekwini. Ukuchitheka kwegazi akukapheli yize kungenelele uhulumeni wasekhaya.

Ngonyaka wezi-2017, ngaleso sikhathi uNgqongqoshe wezokuThutha uMxolisi Kaunda wawahoxisa womabili amalayisensi ososeshini ngenxa yokwanda kwabantu ababhekene nodlame lwamatekisi eMnambithi. Ngaleso sikhathi, kwashona abantu abangama-61 ngenxa yodlame lwamatekisi. UKaunda uphinde wavula lo mzila ngemuva kwezinyanga ezimbalwa.

USihlalo weSizwe Taxi Association uMnuz Mbongiseni Mpunguse uthe, abafuni ukukhomba iminwe okwamanje.

“Sizolinda amaphoyisa ukuthi asitshele ukuthi ngubani ogqugquzela ukubulawa kwalaba bantu,” esho.

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa, uBhekuyise Masondo wase-Klipriver Taxi Association owasinda kudutshulwana ngonyaka wezi-2017 uthe, kuyadabukisa ukuthi abantu bacabanga ukuthi ukubulalana kuyisixazululo sale nkinga.

“Abantu mabahlale phansi bakhulume ngezinto ezithize. Yilokho kuphela okungaletha ukuthula,” kusho uBhekuyise.

Uthe, abantu abazizwa bephephile uma befika erenki.

“Basaba ukubandakanyeka kulezigameko zokubulawa. Silahlekelwa ngamakhasimende,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali uKaputeni Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi, kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMnambithi ukuze kwenziwe uphenyo. Uthe, umphathi werenki yamatekisi oneminyaka engama-37 wahlaselwa abasolwa abathathu.

“Bamphuce isibhamu ngaphambi kokumlimaza esiswini, ekhanda nasesifubeni,” kusho uGwala.

Izihloko zakamuva