Ughebhezi oluneminyaka eyizigidi ezimbili ubudala lutholakale eNingizimu Afrika

Kutholakale ughebhezi oluneminyaka eyizigidi ezimbili lomzala womuntu emgedeni ngaseGoli.

Lolu ghebhezi olunamazinyo amakhulu kakhulu nobuchopho obuncane, lutholwe ohlelweni lomgede i-Drimolen eduze nendawo yamagugu omhlaba e-Sterkfontein.

Lolu ghebhezi lendoda elicishe liphelele, luzosiza ososayensi baqonde ukuthi abantu bavela kanjani.

Luwuhlobo olwaziwa nge-hominin. Lakhiwe kabusha ngamathamba ayikhulu.

Okuthakazelisa kakhulu abacwaningi ukuthi, ama-hominin ayehamba ezungeza iNingizimu Afrika ngesikhathi esisodwa sama-Homo erectus, ukhokho wabo bonke abantu.

Izigidi zeminyaka eyedlule kwakukholakala ukuthi baningi kakhulu kunokhokho bethu.

Ukhokho womuntu wayenobuchopho obukhulu namazinyo amancane futhi wayemele ukuhlolwa kokuziphendukela kwemvelo.

Ososayensi bakholelwa ukuthi, ukushintsha kwesimo sezulu kwaqeda izinhlobo eziningi zezilwane ezincelisayo, okubandakanya nezihlobo ezikude zabantu bakudala eNingizimu Afrika.

Indawo ezungeze i-Sterkfontein ingenye yezindawo ezibaluleke kakhulu emhlabeni yamathambo omuntu wokuqala emhlabeni kanye nezihlobo zakhe.

Izihloko zakamuva