Bangaphezu kwezinkulungwane ezinhlanu ababulawa ezinyangeni ezintathu zomvalelo

Yize bekukhona amaphoyisa namasosha emigwaqeni phakathi kukaNtulikazi noMandulo, isilinganiso sabantu abangama-57 babulawa nsuku zonke.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele wethule izibalo zobugebengu zamakota amathathu onyaka ngoLwesihlanu – wathi kubikwe abantu abayi-5 107 ababulewe.

Uthe, labantu abangama-339 bambalwa uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo sangonyaka odlule lapho kwakungekho mithetho yomvalelo eyayibekiwe.

UCele uthe, ukubulala kwehle ngamaphesenti angu-6,6 kanti ukudlwengula kwehle kwaba ngamaphesenti angu-18,8 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo sangonyaka odlule.

UNgqongqoshe uthe, ukubulawa kwabantu okuningi kudalwa izimpikiswano ezilula nokungazwisisani kwabantu.

“Ngokwesampula lamadokodo abantu ababulewe bayi-4 290, ukuhlaziywa kwaveza ukuthi ziyi-1,992 izigameko zokubulawa kwabantu ezenzeka ezindaweni zomphakathi njengamabhishi, amapaki, imigwaqo noma izinkundla ezivulekile.

“Bangaphezu kwama-900 abantu ababulewe emakhaya abo noma emizini yalabo abagcina bebabulala.”

Izihloko zakamuva