Ithuba lokugcina lokumisa ukunyathela kwama-Bulls

Le yimpelasonto yokugcina yamaqembu akulo mqhudelwano we-Super Rugby Unlocked ukuthi afune ukubanga isicoco ama-Bulls abaleka naso.

Iqembu lasePitoli – elizohamba kule mpelasonto – livuselelwe ukubuya kwalowo obengumqeqeshi wamaBhokobhoko uJake White oselakhe kabusha njengeqembu elivelele ebholeni lombhoxo kuleli.

Ama-Bulls athole amaphuzu e-log ayi-19 ngokuwina amahlandla amane kwamahlanu. I-Stormers nama-Sharks banamaphuzu ayi-13 kube i-Cheetahs esele ngemuva ngelilodwa eba ngayi-12.

Umncintiswano omkhulu kule mpelasonto uzoba phakathi kwama-Stormers ne-Cheetahs eKapa.

Umdlali oqavile kuzoba ngumdlali odlala kakhulu uHerschel Jantjies obuyela eqenjini laseKapa ngoMgqibelo njengoba ephuthwe ngumdlalo ngempelasonto edlule lapho ibidlala ne-Griqua. Uthwale kanzima ngefomu yakhe kule sizini.

Ama-Sharks abebhekene ne-Griquas ngoLwesihlanu ebusuku.