Author: N5

I-ANCWL ithi uDuma usemjivaze kwanele uDube-Ncube

IPhini likaNobhala-Jikelele we-ANCWL selikhwele ladilika kuSihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal likhala ngokuthi sekukaningi ejivaza uNdunankulu waKwaZulu-Natal.

Kukhalwa ngezigebengu ezihlasela amabandla 

Amalungu ebandla eKapa athole izimoto zawo zicekelwe phansi kuntshontshwe nezimpahla zawo ngesikhathi ephuma enkonzweni.

Ukuncishiswa kwezindleko e-EC kuzoshaya kuzwele kowezeMpilo nowezeMfundo

Uhulumeni wase-Eastern Cape uzosebenzisa izindlela ezihlukile ukunciphisa izindleko okuzophazamisa kakhulu ukusebenza kwezempilo, ezemfundo nokulungiswa kwemigwaqo.

Iciko necwecwe elisha lama-piano

Umrepha odumile waseMelika uT.I. usekhiphe icwecwe elisha lama-piano ehambisana noKamo Mphela.

Abashokobezi bavuma ukuthumba ubaba womdlali

Abathumbi bazimisele ukukhulula ubaba kaDiaz uma kuwukuthi bazovikelwa.

U-Alonso usengomunye wabashayeli abangcono kakhulu

NgeSonto ebusuku uFernando Alonso ubonisile ukuthi kungani esengomunye wabashayeli abahamba phambili ku-Fomula 1.

Kusolwa ushevu ekudleni kwengqungquthela yesandulela ngculazi

Kudingeke ukuthi izithunywa ezingaphezu kuka-30 zilashwe esibhedlela ngenxa yokuhlanza kanye nesifo sohudo esingalawuleki ngemuva kokudla isidlo sasemini ngoMgqibelo.

Sezihubela sakusha kweyomhlaba yekhilikithi

UGlenn Maxwell ushaye ama-runs angaphezu kwayikhulu ngesikhathi i-Australia ihlulwa i-Afghanistan ngo-91/7 ngoLwesibili.

I-Arsenal ikhala nge-VAR  

I-Arsenal ikhiphe isitatimende ifuna isigungu esiphethe i-Premier League sithathe izinyathelo ngemuva kwegoli elibe undabuzekwayo lika-Anthony Gordon.

Kushone umyeni kaNgqongqoshe besanda kubungaza umshado wabo

Sikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kowayeyiMeya kamasipala wesiFunda iHarry Gwala KwaZulu-Natal nodlule emhlabeni ngemuva kokwenzela umkakhe umcimbi wokubungaza umshado wabo.

Usazoqhubeka nokuhlupha ugqamcishi 

Ukucishwa kukagesi kuzokwenzeka naphezu kokuthi seziqalile izivivinyo zokugcina zikamatikuletsheni - konke u-Eskom angakwenza ukunweba amahora okusebenza phakathi nosuku futhi aqale ukucisha ugesi ngemuva kwehora lesine ntambama.

Uchaphwe ngenhlamba uDuma ngokujivaza uNdunankulu kumbukiso weyamabhokobhoko

Ubemanapha inhlamba uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma esolwa ngokuxhaphaza uNdunankulu uNomusa maDube Ncube phambi kwabantu.

Recent articles

spot_img