Uzovela emdlalweni omusha obedlala kwi-The Wife 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Isexwayiso: Le ndaba elandelayo iqukethe kabanzi ngochungechunge lomdlalo we-Showmax i-The Wife. Uma ungalubuki lolu hlelo ungaqhubeki nokufunda le ndaba.

Ngemuva kokudlala indawo ehamba phambili kuchungechunge lomdlalo we-Showmax i-The Wife, uZikhona Sodlaka uselungele isahluko esilandelayo somsebenzi wakhe ozodlala kuMzansi Wethu obizwa nge-Gqeberha: The Empire.

Umdlalo omusha waqoshwa e-Eastern Cape. Izokhonjiswa okokuqala ngomhlaka-19 kuMasingana futhi uzongena esikhundleni se-The Queen.

Eziqeshini ezintathu zokugcina ze-The Wife, uZikhona ubedlala indawo kaMandisa oshisa izikhotha udonseizinhliziyo zababukeli njengoba kuneziqephu ezigxile kuye lapho kuvela khona edlula ezinhlungwini.

Njengoba ababukeli bebezama ukwamukela ukushona komyeni wakhe uNqoba Zulu obedlalwa ngu-Abdul Khoza kwadingeka babhekane nokushona kukaMandisa. Uzibulae ngemuva kokushona kwendodana yabo ngengozi.

Lo mdlalo odidiyelwe i-Tshedza Pictures esisebenze ne-The River kanye neGiyani: Land of Blood phakathi kweminye imidlalo eminingi, ukhuluma ngowesilisa obonakala enakho konke: umndeni, uthando, imali, amandla, udumo nenhlonipho.

ULuzuko Mxenge (odlalwa uMbulelo Grootboom) ungusomabhizinisi ophumelele ongumyeni wamakhosikazi amathathu ahlukene anesibindi okunguBulelwa odlalwa nguSodlaka, uZimkhita edlalwa nguZandile Msutwana noNozuko edlalwa uKay Bikitsha. Yini enye asazoyifuna? Omunye unkosikazi.

Isinqumo sakhe sokwandisa umndeni maduzane sisabisa ngokuveza umunyu wamakhosikazi akhe osekunesikhathi eside elubekezela lolu daba, kanti futhi kuvela izinkinga okungekho muntu obengazibikezela futhi zibeka engcupheni ubudlelwano bakhe nendlalifa yakhe.

“UMzansi Magic ukujabulele ukudlala okokuqala kwe-telenovela entsha, okungolunye lwezinhlobo zesiteshi sethu esaziwa ngalo futhi ababukeli bethu abaluthokozela kakhulu. Sijabule kakhulu ngokudlulela e-Gqeberha nase-Eastern Cape njengoba kuwumdlalo wokuqala we-telenovela,” kusho uShirley Adonisi umqondisi weziteshi zokuzijabulisa zakuleli kwa-M-Net.

“Ngekhwalithi emangalisayo evela kwinkampani ehamba phambili ngokukhiqiza ezweni sinethemba lokuthi izethameli zizowuthokozela lo mdlalo wochungechunge.”

Osesithombeni esingenhla: NguZikhona Sodlaka

Umthombo wesithombe: Showmax

Izihloko zakamuva