Uyandlondlobala okaRamaphosa wehlandla lesibili

Kholofelo Mabitsela noCelani Sikhakhane

Uyadlondlobala umkhankaso kaMengameli uCyril Ramaphosa wokubuya ihlandla lesibili esikhundleni ngemuva kokuthi isithnjwa sakhe uStan Mathabatha ephinde waqokwa njengoSihlalo engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC e-Limpopo.

UMathabatha uphumelele ngamavoti angu-781 ehlula uNgqongqoshe wezeMisebenzi yomphakathi, imigwaqo nengqalasizinda uDkt uDickson Masemola othole amavoti angu-389 kuphela.

UMathabatha usanda kumemezela ukuthi uyakweseka ukuthi uRamaphosa uthathe ihlandla lesibili.

UMathabatha noMasemola bakubeke kwacaca ukuthi abukho ubutha phakathi kwabo njengoba yena efisela umngani wakhe wesikhathi eside nozakwabo okuhle kodwa kulesi sikhathi sabo esisha.

“Iqabane uStan futhi ungumngane wami. Ukubangisana naye kusho ukuqinisa izinqumo zentando yabantu eqenjini lethu,” kusho uMasemola.

“Akukona okokuqala uqabane uDickson ngincintisana naye ngakho-ke alukho ushintsho kwikhabhinethi. Ngeke sikwazi ukukhipha umuntu ngenxa yokungenela umbango,” kusho uMathabatha etshela abezindaba ngemuva nje kokuqokwa kabusha.

Ezinye izikhulu ezinhlanu eziphezulu ze-Provincial Executive Committee esanda kukhethwa kubalwa uFlorence Radzilani njengePhini likaSihlalo.

URadzilani uyathinteka embikweni weJaji uTerry Motau okhulume ngemali eyantshontshwa e-VBS Mutual Bank engasekho. Nokho akakaze abekwe icala futhi ugcine ubumsulwa bakhe.

URadzilani uthole amavoti angu-791 kwathi uSihlalo we-ANC esifundeni i-Norman Mashabane uPule Shai wathola angu-373.

Kwesinye isiphithiphithi unobhala wesifundazwe uSoviet Lekganyane ulahlekelwe isihlalo sakhe kuReuben Madadzhe.

Lesi isifundazwe sesibili ukuphumela obala siseke uMengameli ngemuva kokuthi u-Oscar Mabuyane eqokwe njengoSihlalo wase-Eastern Cape, okwenza i-EC ihambe noRamaphosa.

Amehlo manje asebheke engqungqutheleni yase-Gauteng lapho kulindeleke ukuthi usihlalo wamanje uDavid Makhura ehle esikhundleni.

E-North West lowo owayenguNdunankulu uSupra Mahumapelo uzama ukubuya ngethikithi le-Radical Economic Transformation. Izobhekana noBushy Maape kanye nowayeyilungu lePhalamende uNono Maloyi.

Kulindeleke ukuthi ibe kule nyanga ingqungquthela yokukhetha ubuholi KwaZulu-Natal okuyiyona ezonquma ukuthi uRamaphosa unawo yini amandla anele okubuya kwesikamengameli. 

Izihloko zakamuva