Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Uhlalele ovalweni udokotela wesifo seNhliziyo waseLife Westville Hospital eThekwini ngemumva kokubukawa kwesikhonzi senkantolo obekumele sihambise amaphepha okubopha isiguli esamkhuluma kabi kumabonakude.
UDkt Ntando Duze kumanje ubhekene nezinsongo zokubulawa ukuze ahoxise icala alivulele uMnuz Jeffery Chetty waseThekwini nobekufanele amaphepha okumubopha adluliswe kuye uMnuz Andy Ngcobo obeyisikhonzi senkantolo.
Ngokusho kwamaphoyisa uNgcobo ubulawe eNanda ngoLwesihlanu.
Lokhu kwenzeka ngemumva lokuthi uDuze wamiswa emsebenzini ngonyaka owedlule ngenxa yezinsolo ezenziwa ngaye ezinye zeziguli okubalwa kuzo noChetty ohlelweni lwesiteshi iCarte Blanche.
Ngemumva kwalokho uDuze ufake icala emangalela uChetty kodwa kwasekuba nezinsongo zokumsabisa ukuze asule icala.
Ngemumva kwalokho kubulawe isikhonzi senkantolo uNgcobo obekumele sihambise incwadi yecala kuChetty.
UDuze uthe kuyamkhathaza ukuthi usethola nezinsongo njengoba kukhona abamsambisa ngokuthi akayeke ukuhubha Chetty ngale kwalokho uzowukhomba umuzi onotshwala.
Uthe noma angathola ziphi izinsongo ngeke aze ayeke ukulwa nalaba abadicilela phansi igama lakhe kumabonwakude.
“Ngibone kungcono ukuba ngivule icala emaphoyiseni. Ngiwachazelile ngakho konke okwenzekayo,” usho kanjena.
Uthe njengoba sekubulewe nesikhonzi enkantolo okunguNgcobo obekumele ahambise amaphepha kuChetty lokhu kuveza ngokusobala ukuthi alwa nabo bahlose lukhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Robert Netshiunda uthe “Kuvulwe icala lokusabisa lapho khona kunothile othole izinsongo kumuntu angamazi,” usho kanjena
