Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Impi eqhubekayo phakathi kwezwe i-Iran neMelika iphoqe osomatekisi baseNlandla ukuba banyuse imali yokugibela njengoba ukuya eGoli sekubiza imali engu-R420 kusuka ngoLwesihlanu.
Lesi simemezelo senziwe abeNkandla Taxi Association kuleli sonto kanti ngoba nikhala ngokunyuka kwamanani kaphethiloli nodizili abathi sekungaphezu kwamandla.
Ukuya eThekwini khona bathe kuzobiza imali engu-R270 kuphela kanti ukuya kwezinye izindawo okubalwa oNquthu kuzobiza u-R100, eVryheid naseDundee kuzoba imali engu-R145 bese kuthi ukuya eNewcastle kube imali engu-R190.
EMpangeni khona kuzoba imali engu-R140 bese kuthi Olundi kube ngu-R120.
Kwezinye inyuke ngo-R30 kanti kwezinye inyuke angamarandi amathathu.
Osomatekisi bakhala ngokuthi le mpi eqhubekayo iyabalimaza ngoba uphethiloli kodizili sekumba eqolo.
Imali bayenyusa nje uHulumeni usenze imizamo yokubethula umthwalo ukuze kwehle ukubiza kukaphethiloli noDizili.
Ngaphandle kwalokho namabhanoyi asenyuse amanani ngenxa yalesi simo kulindeleke ukuthi uphethiloli noDizili kwenyuke ngenyanga ezayo.
Kumanje akwaziwa ukuthi izinsizwa ezisebenza eGoli zizokwazi yini ukwehla ziyemakhaya kuleli holide lwangoLwesihlanu ngenxa yokuthi imali yokugibela izobeseyenyuke kakhulu.
