Usopolitiki odumile embangweni oshisa phansi wendlu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Owayengumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza usembangweni oshisa phansi nonkosikazi kamfowabo ngodaba lomuzi wakubo osemakhaya e-Willowfontain ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Lo mbango usuze wadlulela kubammeli futhi usubikwe nakwi-KZN Law Society.

UKhoza usola uLungi maZondi Khoza ongunkosikazi kamfowabo ongasekho ngokuthatha umuzi kanina oyisitezi ngokungekho emthethweni.

Umsola nangokukokitela isignesha kanina ukuze itayitela libize igama lakhe.

“Ngo-2019 umama wami uMantombazane Khoza wangicela ukuthi ngimakhele lo muzi ukuze athuthele e-Willowfontain esuka elokishini laseMbali. Ngaleso sikhathi umfowethu wayehlala ekhweni nomkakhe uLungi maZondi.

“Ngakhuluma nomfowethu ngamcela ukuthi abuyele ekhaya ngamazisa ngokwakhiwa kwendlu. Wangicela ukuthi ngiyenze ibe isitezi,” kusho uKhoza.

UKhoza usola ukuthi unina wathuthela kule ndlu uma seyiqediwe ukwakhiwa kanjalo nomfowabo, unkosikazi wakhe uLungi kanye nezingane zabo. Kodwa ngokushesha uLungi waxosha umamezala wakhe kule ndlu.

Ngo-2020 umama wabo washona futhi abakwazanga ukumngcwabela emzini wakhe ngoba uLungi wabanqabela ukwenza lokho.

Udadewabo kaKhoza oyisithuli uNonhlanhla nezingane zakhe bahamba bayohlala kule ndlu kodwa uKhoza uthi uLungi wabaxosha.

UKhoza uzwakalise ukuzisola ngesandla sakhe ekuhleleni umshado kaLungi nomfowabo “njengomkhongi”

Ngesikhathi eziphendulela uLungi maZondi Khoza ukuphikile okushiwo uKhoza wathi umuzi ngokamyeni wakhe.

Uthi le ndlu yakhiwa umyeni wakhe endaweni ayinikwa unina ozwakalisa ukukhathazeka ngokuziphatha kwamadodakazi wakhe.

“Lesiya salukazi sinamanga futhi siyazenzisa. Usebenzisa amandla akhe epolitiki nemali ukuntshontsha umuzi kamyeni wami,” kusho uLungi.

UKhoza uthi uyena owakhipha imali yokwakha lo muzi, hhayi umfowabo.

Kodwa uLungi uthi umyeni wakhe ubesezikweletini ezinzima ngenxa yemali ayeyibolekile ngesikhathi edlula emhlabeni. Uphinde wasola ukuthi osisi bakwaKhoza abahloniphi futhi ulandisa ngokuxabana kwakhe noNonhlanhla owahamba kulo muzi.

UKhoza usezwakalise ukukhathazeka ngabammeli abathintekayo ohlelweni lokudluliswa kwempahla ebasola ngokuba nesandla ezenzweni zokukhwabanisa. Yize isikhalo sakhe sokuqala asifaka kwa-KZN Law Society sachithwa ngoNhlangulana uphinde wafaka isicelo sokubuyekeza mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi.

Esithombeni esingenhla: Indlu yakwaKhoza uDr Makhosi Khoza ayibanga nonkosikazi kamfowabo uLungi maZondi Khoza.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva