Usetholakele owabulala umfundi

Everson Luhanga

Amachaphazelo egazi atholwe etekisini yendawo ehambisana negazi lomfundi owabulawa ngo-2020 aholele ekutheni kuboshwe umshayeli wetekisi uPrince Ndlovu ngumphenyi uSydney Mhlongo.

UNdlovu angase agwetshwe udilikajele ngemuva kokutholwa enecala yiNkantolo eNkulu yaseGoli e-Palmridge ngomhlaka-25 kuNdasa ngecala lokubulala umfundi uJabulile Nkosi, ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba ahlanganise iminyaka engu-19 ngoMandulo wango-2020.

Ukubulawa kwalo mfundi kwagqugquzela abantu base-Alexandra ukuthi bamelane nobugebengu obunodlame elokishini. Bangaphezu kwabangu-200 abantu ababehambele umngcwabo wakhe befuna ubulungiswa.

UNdlovu utholwe enecala lokubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.

Uzogwetshwa ngomhlaka-21 kuMbasa.

Umseshi uMhlongo uthe abazibonele ngesikhathi okwabulawa ngaso uJabulile Nkosi ngo-2020 bakhombe imoto umshayeli ayisebenzisa ngalobo busuku .

Wabe eselandela umkhondo wetekisi elisebenzela elokishini. Wabopha le ndoda ngemuva kwezinsuku ezine futhi wathola amachaphazelo egazi emotweni.

Izinsalela zegazi ezathathwa emotweni yakhe zifana namasampula athathwa kumufi.

USayitsheni Mhlongo osebenze ngokuzikhandla eletha ubufakazi bokwakha icala eliqinile, uthe bekunzima ukwakha leli cala.

“Ngesikhathi okwabulawa ngaso uJabulile, bekunomkhuba wokuthi izigebengu ezihlomile ziqonde abagibeli ebusuku zibagebenge zibakhombe ngezibhamu ngaphambi kokuba zibaleke ngamatekisi endawo,” kusho umseshi.

“Icala likaJabulile belicindezela kakhulu ngoba amaphoyisa abengenaye umuntu owazibonela ngawakhe ngesikhathi kubulawa uJabulile.”

Iphoyisa elizinikele lithe belifuna ukusiza umndeni wakwaNkosi ukuthi uthole ubulungiswa.

UMhlongo owazalelwa e-Alexandra, wajoyina umbutho wamaphoyisa waseNingizimu Afrika ngo-2008 kanti useke wasebenza emacaleni anzima emsebenzini wakhe, okubalwa nelika-Emmanuel Sithole ngo-2015 ukubulawa kwakhe okwakuhlobene nokucwaswa kwabaphuma emazweni angaphandle e-Alexandra.

Umama kaJabulile uPhumelelo Nkosi uwushayele ihlombe umsebenzi kamseshi uMhlongo.

“Nakuba ngingeke ngiphinde ngiyibone indodakazi yami, okungenani kuyangiduduza ukubona umbulali ejele. Asekhona amaphoyisa aqotho emiphakathini yethu abantu abangawethemba,” esho.

Izihloko zakamuva