Iyaqhubeka i-ANC nohlelo lwayo lokubeka izichuse zezimeya

Lubhalwe nguZukile Majova kanye noKarabo Rammutla

USomlomo womkhandlu wedolobha lase-Tshwane ophinde abe yikhansela le-Cope kuMasipala omkhulu uMurunwa Makwarela uqokwe njengoMeya yedolobha.

Kuwukuqhubeka kwesu le-ANC lokufaka iziMeya ezibambe izindawo koMasipala. Uma i-ANC ne-EFF sebevumelene ngemibandela yomfelandawonye wabo kulindeleke ukuthi kukhishwe lezi ziMeya.

Kumasipala waseGoli umfelandawonye we-ANC uvotele uThapelo Amad we-Al Jama-ah ukuthi abe yiMeya yesikhungo esinamandla kwezomnotho wezwe esinesabelomali sika-R87 billion, nakuba iqembu lakhe lithole ngaphansi kuka-1% wesabelo samavoti.

UMakwarela uqeda iminyaka eyisikhombisa yokubusa kwe-DA kuMasipala omkhulu obiza u-R45 billion. Ngalesi sikhathi, uMasipala wase-Tshwane ube neziMeya ezine ze-DA ezishiye idolobha lingenamali futhi lingakwazi ukuletha izidingo ezibalulekile kwizakhamuzi.

NgoLwesibili, uMakwarela uthole amavoti angu-112 kwathi uBrink we-DA wathola angu-101. Ukuvota kwenziwe ngohlelo lokuvota oluyimfihlo.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule uCilliers Brink we-DA ushiye umsebenzi wakhe njengelungu lephalamende wafungiswa njengekhansela. Ubeyilungu lomfelandawonye we-DA ebelifanelwe ukuqokwa ukuba iMeya.

Ngesonto eledlule kuqale ukusabalala amahlebezi phakathi kwamakhansela okuthi uMakwarela usehlubuke kumadlelandawonye we-ANC ne-EFF.

Umfelandawonye we-DA wazama kwanhlanga zimuka nomoya ukufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMakwarela owayenguSomlomo wekhansela.

Idolobha lisale lingenayo iMeya ngemuva kokuthi uMnu Randall Williams we-DA esule maphakathi noNhlolanja kulonyaka.

UWilliams wesulile ngaphambi kwesiphakamiso ebesilindelekile sokungamethembi. Ivoti lokungathenjwa bekulindeleke ukuthi liqhutshwe ngohlelo lokuvota oluyimfihlo.

Bekulindeleke ukuthi ahlulwe kulesi siphakamiso ngemuva kokuthi amalungu ekhokhasi yakhe kuthiwa abesengamethembi.

Ozakwabo bomfelandawonye we-DA kuMasipala wase-Tshwane, okuhlanganisa ne-EFF kade bekhala ngokuthi uWilliams ehle esikhundleni.

I-DA igaqele amavoti kuMasipala kanti ngenyanga edlule uMpho Phalatse we-DA uvotelwe njengeMeya yaseGoli. Kulindeleke ukuthi kuvotelwe noTanya Campbell wase-Ekurhuleni maduze nje.

Isithombe esingenhla: UMurunwa Makwarela we-Cope oseyiMeya yase-Tshwane

Umthombo wesithombe: @Murunwa-Makwarela

Izihloko zakamuva