Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uncome ukusebenza kukaHulumeni woBumbano KwaZulu-Natal akuchaze ngokuthi kunezithelo kubatshalizimali yize iNFP isabisa ngokuwuqumba phansi.
URamaphosa ubekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engu-30 kwasungulwa inkampani okuyiHillside Aluminium Smelter esungulwe ngonyaka ka-1996 eRichardsbay esidlweni sakusihlwa.
Uthe lo Hulumeni oholwa uNdunnkulu uThami Ntuli usayibambe ngakho ekusebenzeni nezimboni ezizimele ukudala amathuba emisebeni.
Ukusho lokhu nje uHulumeni waseKZN uhleli ngesinqe esisodwa njengoba iNFP okuyiyo ewubambile, isabisa ngokuhoxa ukuze kungene uMkhonto weSizwe Party.
“Kuyasijabulisa ukuthi iHillside Aluminium Smelter isebenza ngokuzikhandla ukuthithukisa nemiphakathi eyakhele njengoba sibona uxhaso elwenzile ezikoleni nasezibhedlela zaseKing Cetshwayo nasemphakathini wakhona. Akugcini nje iHillside Aluminium Smelter yenze isimanga izibophezela ekutshalweni kwemali engaphezulu kuka-R3 billion nokuyinto esiyibonayo njengoba isidale amathuba abalelwa kwangu-29000,” kusho uRamaphosa.
Ubuye wancokola nabasebenzi bale nkampani wathi uyabona ukuthi baphethwe kahle futhi baholelwa kahle kakhulu nokuyinto ayikhuthazayo ezinkampanini ezahlukene.
Le nkampani yafaka isicelo sokusebenza eNingizimu Afrika ngonyaka ka-1992 sekuzophuma uHulumeni wengcindezelo.
Iqale ukuvula iminyango ngonyaka ka-1996.
Yavulwa owayenguMengameli ongasekho uDkt Nelson Mandela owayenguNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Mangosuthu Buthelezi naye ongasekho.
UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli uthe basebenza ngokuzikhandla benguHulumeni woBumbano eKZN ukwenza isifundazwe sibeyikhaya lezimboni ezahlukene kuzakhamizi.
