UPapa unxusa ubumbano e-DRC 

UPapa uFrancis ukugxekile “ubukoloni bezomnotho” obukhungethe izwekazi ngesikhathi ekhuluma nesixuku sabantu abangaphezu kwesigidi esisodwa e-Democratic Republic of the Congo (DRC).

Ngesikhathi uPapa efika e-Kinshasa ohambweni lwakhe lwase-Afrika lwezinsuku ezinhlanu, izinkulungwane zabantu bezigcwele emigwaqeni ukuze zimemukele ngamafulegi nangenjabulo.

Kodwa ngesikhathi eqala inkulumo yakhe esigodlweni sikaMengameli kuvele kwathuleka umsindo.

“Kunina nonke kulelizwe enizibiza ngamaKrestu kodwa ningene ebudloveni …  uJehova uthi kini: Bekani phansi izingalo zenu namukele umusa,” esho.

Umcebo omkhulu wase-Democratic Republic of Congo wemithombo yemvelo ube imbangela yempi nokuxhashazwa okusabalele.

Leliyazwe lisengelinye lamazwe ampofu kakhulu emhlabeni nokuyinto eyenza ukuthi liphangwe liphinde lixhashazwe ngabacebile.

“Ukuxhashazwa kwezepolitiki kwangena esikhundleni sobukoloni bezomnotho obugqilaza ngokulinganayo,” kusho lona wesilisa (86) ngesikhathi ekhuluma ngesiNtaliyane.

“Yekani i-Democratic Republic of the Congo, yekani i-Afrika … akusiyona imayini yokuphucwa impahla noma indawo okumele iphangwe,” eqhubeka.

“Kuyadabukisa ukuthi la mazwe ikakhulukazi izwekazi lonke lase-Afrika liyaqhubeka nokuxhashazwa ngezindlela ezahlukene.

“Ubuthi bomuhobholo buye bagcoba amadayimane alo ngegazi”. Ukuhweba ngokungemthetho ngamadayimane e-Democratic Republic of Congo kusetshenziswa izingane sekuxhase ngezimali izingxabano ezimbalwa emashumini eminyaka muva nje. Lokhu kuchitheka kwegazi ngokwengxenye kubhebhethekiswe ukufunwa kobucwebe phesheya kwezilwandle.

Eminyakeni yamuva nje, lelizwe liye lacekelwa phansi izingxabano esifundeni salo esisempumalanga, lapho amavukelambuso angaphezu kwekhulu athusa khona abantu bendawo kanye nababaleki abavela emazweni asemngceleni.

“Omunye unomuzwa wokuthi umphakathi wamazwe ngamazwe usuzinikele odlameni oluyidlayo (i-Congo). Asikwazi ukujwayela ukuchitheka kwegazi osekunamashumi eminyaka kulelizwe, kwashona izigidi zabantu,” kusho uPapa.

Lolu hambo oluyingqophamlando ngelokuqala ngqa kusukela ngo-1985 ukuthi umphathi weBandla lamaKhatholika afike e-Democratic Republic of Congo okuyikhaya lamaKhatholika abalelwa ku-45 million.

NgoLwesihlanu, uPapa uFrancis uzohambela e-South Sudan okungelinye lamazwe ahlaselwe izingxabano. Lapho uyojoyinwa uMbhishobhi Omkhulu wase-Canterbury ongumholi wenhlangano ye-Anglican umhlaba wonke.

Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene

Isithombe ngenhla: UPapa uFrancis eshumayela emigwaqeni yase-Kinshasa

Umthombo wesithombe: @DrFredMmembe

Izihloko zakamuva