Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
UNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi, usinde ekuphekweni ngemibuzo izikhulu ze-ANC ngemuva kokugxeka isinqumo seqembu sokusungula uhulumeni wobumbano kazwelonke (GNU).
UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mabalula, uthe izikhulu ze-ANC kudingeke ukuthi zibizele uLesufi emhlanganweni ukuze azichazele ngoba kunombono wokuthi i-ANC e-Gauteng ayihambisani ne-GNU.
UMbalula uthe uLesufi utshele abaphathi be-ANC ukuthi imibono yakhe ihlanekezelwe, i-ANC yabe isiyamukela incazelo yakhe.
“UPanyaza uzichazile ezikhulwini ngodaba obelushiwo ngaye. Incazelo yakhe ibiwukuthi (ukuphawula kwakhe) kuhlanekezelwe.
“Sinomthwalo ekuzibophezeleni njenge-ANC ukuqinisekisa ukuthi ukuziphatha kahle nentando yabantu kuyabusa,” kusho uMbalula.
ULesufi usolwa ngokuhola umkhankaso wokugudluza uCilliers Brink, owayeyiMeya ye-DA e-Tshwane, nakuba i-ANC ne-DA kuyibo ababambisene ku-GNU.
Yize i-ANC ithole amavoti angu-35% kuphela e-Gauteng, uLesufi usungule uhulumeni namanye amaqembu wayishiya ngaphandle i-DA.
USihlalo we-DA uHelen Zille utshele i-ANC ukuthi ukukhishwa kukaBrink kuzoyiphoqa ukuthi ihoxe ezingxoxweni zomfelandawonye eThekwini, eNelson Mandela Bay naseKurhuleni.
Ukubusa okuphumelelayo kwe-GNU kuncike kakhulu ekuzinzeni kwezepolitiki kanye nokuphathwa kwezimali okuphusile komasipala ezweni lonke.
NgoLwesibili, uMbalula uthe i-ANC isaxoxisana ne-DA emizuzwini wokugcina ngaphambi komhlangano womkhandlu ozoba ngoLwesithathu e-Tshwane, lapho kungase kukhethwe khona imeya entsha.
“Sixoxisana nawo wonke amaqembu ezepolitiki ukuze kwakhiwe uhulumeni wase-Tshwane,” kusho uMbalula.
“Sixoxile ne-DA mayelana nokumele kwenzeke e-Tshwane. Futhi asikho isivumelwano phakathi kwethu ne-DA okwamanje. UBrink ususwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe eliphushwe i-ActionSA ngokwesekwa yi-ANC.”
Umsunguli we-ActionSA uHerman Mashaba uthe i-ANC ne-ActionSA bayaxoxisana ngokuthi ilungu le-ActionSA kufanele libe yimeya yase-Tshwane.
Isithombe ngenhla: UPanyaza Lesufi.
Umthombo: X
