Unqunywe ikhanda usomabhizinisi wase-Nigeria

Usomabhizinisi odume kakhulu e-Nigeria ophethe inkampani yokuthutha izimpahla zabantu ngezithuthuthu utholakale enqunywe ikhanda waqotshwa efulethini lakhe e-New York.

Umufi nguFahim Salen, nguyena umsunguli we-Godaka, lena ekuvumela ukuthi ubize isithuthuthu esisebenza njengetekisi ngomakhalekhukhwini wakho wakwanokusho e-Lagos – idolobha eliphithizela kakhulu emhlabeni wonke.

Abezindaba i-CNN babike ukuthi udadewabo kaSaleh waya ukuyombheka kepha wafica isingenhla somzimba wakhe uduze kwegumbi lokuphumula. Ezinye izinxenye zomzimba wakhe bezise mapulastikini.

Amaphoyisa awakayazi imbangela yalokhu, umndeni kaSaleh uthe ” awekho amagama noma izenzo eziyosilethela ukuthula ngaphandle kokuthi kubanjwe umuntu owenze isenzo esibi kangaka esinokukhohlakala kothandiweyo wethu.”