UNgqongqoshe uxwayisa ngodizili oxutshwe nopharafini

Kamogelo Olaitan

Kunodizili oxutshwa nopharafini odayiswa kwamanye amagaraji kuleli.

UNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi naMandla uGwede Mantashe, uthe ngesikhathi kunenkulumompikiswano ephalamende ngoLwesithathu kuqinisekiswe lo mkhuba  ngamasampula aqoqwe eziteshini ezithile, futhi kusekwe ukwenyuka kokuthengwa kukapharafini.

“Lo mkhuba kumele uphele. Awukho emthethweni. Iziteshi ezitholakala zinodizili oxutshwe nopharafini zizovalwa ngokushesha futhi zizoshushiswa,” kusho uNgqongqoshe.

Uthe umnyango wakhe usebenzisana namaphoyisa ukuze kuphenywe abenza lokhu ukuze kuqinisekiswe ukuthi bayawuthola udilizi oxutshwe nopharafini.

Njengoba intengo kaphethiloli ilokhu  inyuka kusukela nyakenye, uMantashe uthe isinqumo sikahulumeni sokwehlisa intengo kaphethiloli okwesikhashana sibize uhulumeni imali engu-R10 billion.

Uthe elakuleli kumele libhekane nenkinga kaphethiloli ngokuthi kuhlolwe uwoyela negesi okuzonciphisa ithemba lokuthenga kwamanye amazwe.

“Into ezoqeda inkinga yentengo kaphethiloli ngokushesha ukuphela kwempi e-Ukraine,” kusho uMantashe.

Khonamanjalo, i-Business Insider ibike ukuthi abathengi bakaphethiloli bangaphakathi ezweni bengakhokha u-R27 ilitha likaphethiloli ngoNtulikazi.

Ibike ukuthi izinombolo zaphakathi nenyanga ziveza ukuthi uphethiloli kuzomele unyuke cishe ngo-R2 ilitha.

Imininingwane ekhishwe kuleli sonto ikhombisa ukuthi kuzodingeka ukuthi kwehliswe irandi kancane, noma intengo kawoyela yenyuke kancane emhlabeni, ukuze kukhuphule izindleko zelitha likaphethiloli ka-95 ube ngaphezu kuka-R27 kubathengi bangaphakathi kuleli.

Izihloko zakamuva