Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNdunankulu waKwaZulu-Natal akazimisele okwamanje ukuxosha uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga kuze kube kufakwa omunye umuntu esikhaleni sakhe eSishayamthetho saseKZN.
Okhulumela uNdunankulu uThami Ntuli okunguMnuz Bongani Gina uveze ukuthi uNksz Shinga usazoqhubeka nokuba uNgongqoshe ngoba asikho isinqumo esisathathwe uNdunankulu ngaye.
“Okwamanje uNgqongqoshe uShinga usayilunga lekhabinethi yesiFundazwe. UNdunankulu okwamanje akakasithathi isinqumo ngaye kuze kube kufakwa omunye umuntu ozomela iqembu lakhe eSishayamthetho lesiFundazwe,” kusho uGina.
USomlomo wesiShayamthetho,uNksz Nontembeko Boyce utshele iScrolla.Africa ntambama.ngoLwesibili ukuthi ngokwabo bahlabela phambili ngamalungiselelo okuba kufungiswa ilunga elisha le-NFP ngoba sebemsusile uNksz Shinga.
“Nokho isinqumo seSishayamthetho asimuphazamise uNdunankulu nekhabhinethi yakhe . Okwamanje iSishayamthetho simatasa nohla lwamagama athunyelwe iNFP ukuba sivale isikhala sikaNksz Shinga. Engifuna kucace nokho ukuthi akulona lodwa ilunga leNFP elizofungiswa kodwa akhona namanye amaqembu afake amagama abantu bawo okumele bazovala izikhala esezivulekile. Lawo magama kuzomele afakwe kwiGazette bese kuza isigaba sokufungisa amalunga,,” kuchaza uNksz Boyce.
Uqhube wathi ukuya enkantolo kukaNksz Shinga akubathinti njengeSishayamthetho ngoba yinto yangaphakathi yeqembu .
Uthi lokho kusho ukuthi bona bazoqhubeka nomsebenzi wabo wokulawula izigaba zokusebenza kweSishayamthetho.
Selokhu iqembu lomxoshile uNksz Shinga, abanye abaholi be-NFP abangahambisani naye babhala ezinkundleni zokuxhumana bembiza ngeNgqothovu esiphenduke isitshodo.
