UNdunankulu uThami Ntuli uhlangane neSilo samaZulu bezodingida udaba lokusula kwamalumgu ebhodi lebhange iThala

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdunankulu uThami Ntuli uvakashele iSilo uMisuzulu eThekwini ngoLwesibili ukuyokhuluma ngebhange Ithala lokugwema ukuvalwa ngokuphelele.

Laba baholi ababili bavumelene ngokuhambela imiphakathi KwaZulu-Natal ndawonye ukuze babheke ukuthi uhulumeni uletha izidingo kubantu ngendlela yini.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli uhlangane neSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini eThekwini ngoLwesibili.

Laba baholi bahlangane bakhuluma ngezinkinga eziqhubekayo ebhange Ithala. Uhulumeni wesifundazwe usanda kungenelela ukuvimba leli bhange ukuthi livalwe.

UNtuli utshele iSilo ngokusula kwamalungu ebhodi le-iThala. Usebenzise lo mhlangano ukwazisa iSilo ngezinhlelo zikahulumeni, imigomo kanye nendlela izidingo ezilethwa ngayo emiphakathini.

UNdunankulu neSilo bavumelene ngokuthi bazohambela zonke izifunda nomasipala baKwaZulu-Natal ndawonye. Bafuna ukubheka ukulethwa kwezinsiza futhi balalele ukuthi imiphakathi idingani. Bafuna nokwenza ngcono indlela uhulumeni nabaholi bendabuko abasebenzisana ngayo.

UNtuli uthembise ukuhlonipha nokweseka ubukhosi bakwaZulu.

“NjengoNdunankulu weshumi KwaZulu-Natal, ngenze isibophezelo esiqinile sokweseka ukwenziwa kwezinto ngesimanjemanje, isithunzi kanye nokubaluleka koBukhosi bukaZulu, sivikele nendima yamagugu kanye namasiko,” kusho uNtuli.

Uthe iSilo siyinkosi yesizwe samaZulu nesifundazwe. ISilo sizohlangana namanxusa akwamanye amazwe ngokuzayo ukuzosiza ukuqhakambisa iKwaZulu-Natal emhlabeni.

Ihhovisi leSilo lithe umhlangano ubuthinta intuthuko yomhlaba ophethwe yisizwe samaZulu.

ISilo sifuna zonke izinhlelo zikahulumeni kulo mhlaba zibandakanye abaholi bendabuko. Uthe umsebenzi kumele uhloniphe abaholi bendabuko futhi uthuthukise izimpilo zabantu.

Womabili amahhovisi avumelene ngokuqhubeka nokusebenzisana. Bahlela ukuba nemihlangano eminingi ukudingida imigomo kahulumeni kanye nokuthuthukiswa komphakathi.

Esithombeni esingenhla: ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu waseKZN uThami Ntuli baxoxa ngokusula kwamalungu ebhodi lebhange iThala.

Umthombo wesithombe: Ihhovisi LikaNdunankulu

Izihloko zakamuva