UNasty C uhamba yedwa kwezomculo

Sizwe Sibiya

UNasty C ongomunye wabarepha abahamba phambili kuleli usefinyelele kwelinye izinga emkhakheni we-Hip Hop.

Lo mrepha oneminyaka engu-24 ubudala waselokishini laseFolweni eThekwini usephenduke umculi wokuqala we-Hip Hop eMzansi ukuhlanganisa ama-albhamu adlalwa kuSpotify angaphezu kuka-20 million nge-albhamu yakhe yesibili ethi-Strings and Bling.

NgoMbasa ngo-2020, uNasty C waba umrepha wokuqala ezweni ukusayina nelebuli yokuqopha yamazwe ngamazwe i-Def Jam Recordings. Lokhu kuvulele abanye abaculi abafana noCassper Nyovest, uStogie T kanye noLucasRaps indlela njengoba bonke sebesayine izivumelwano zokuqopha ne-Def Jam Recordings Africa.

Ngaphambi kokuba ajoyine i-Def Jam Recordings, ukhiphe i-albhamu yakhe yokugcina ethi-Strings and Bling ngoNtulikazi 2018.

Ngokushesha ngemuva kokusayina isivumelwano, ukhiphe i-mixtape ayihlanganise noDJ Woo Kid wodumo obizwa “ngoZulu” ehlanganisa noT.I ongumlingisi ohlonishwayo wase-Hollywood ophinde abe ngumrepha nomdidiyeli.

I-mixtape yezingoma ezingu-11 isheshe yalandelwa yi-albhamu ethi-Zulu Man With Some Power eyaholela ekutheni uNasty enze izingxoxo nezinye zezinhlelo zakumabonakude nezomsakazo ezinethonya kakhulu eMelika ngoNcwaba ka-2020.

Izindaba ezimnandi zokuba nezingoma ezilalelwe kakhulu ku-Spotify ngabantu abangaphezu  kuka-20 million zivele njengesipho sokuqala sosuku lokuzalwa lwalomrepha ozobe ehlanganisa iminyaka engu-25 ngoLwesihlanu, ngomhlaka-11 kuNhlolanja.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva