Umphathi wemboni yamatekisi ucela intethelelo

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

UMengameli weSantaco ucela intethelelo ngemuva kokudutshulwa komshayeli we-e-hailing washiswa ephila eMaponya Mall ngesonto eledlule. 

Abaphathi bamatekisi bayavuma ukuthi izigebengu sezithathe izingxenye zemboni futhi bathembisa ukuxosha abashayeli abanodlame.

Inhloko yenhlangano enkulu yamatekisi eNingizimu Afrika icele intethelelo ngemuva kokudutshulwa komshayeli we-e-hailing washiswa washona eMaponya Mall, eSoweto.

UMengameli weSA National Taxi Council, uMothlabane Tsebe, utshele abezindaba ngoLwesibili ukuthi imboni yamatekisi “isigcwele izigebengu” ngemuva kokubulawa kukaSiyanda Mthokozisi Mvelase(27), ngesonto eledlule.

Abesilisa abane abangaziwa kukholakala ukuthi badubule umshayeli osemncane we-e-hailing base beshisa imoto yakhe. Kuphinde kwalimala abanye abantu ababili kulokhu kuhlasela.

UTsebe uthe izigebengu zisebenzisa igama lemboni yamatekisi ukwenza ubugebengu nokuhlukumeza imiphakathi.

“Kumele sibuvume lobu bugebengu obenziwe egameni lethu, sicela imithandazo emphakathini njengoba sibhekene nokungenwa yizigebengu njengoba sikhuculula imboni,” usho kanje.

“Njengoba sinodokotela mbumbulu, abefundisi bamanga, amaphoyisa nabameli mbumbulu kanye namaqola ezinkonzweni zezezimali, sinazo nezigebengu embonini yamatekisi ezihlukumeza umphakathi futhi sithi kumele zithathelwe izinyathelo.

UTsebe uthembise ukuthi noma yimuphi usomatekisi obanjwe enza udlame uzoxoshwa ngokushesha.

“I-Santaco ayilubekezeleli nhlobo udlame. Noma yimuphi umqhubi, umshayeli noma ilungu likasoseshini wethu elitholakala libandakanyeka ekuhlaseleni nanoma yisiphi isenzo sodlame esifana nalesi lizoxoshwa ngokushesha ezinhlanganweni zethu,” esho.

“Asihhemi uma sisho kanje, kuyisithembiso kumalungu ethu ukuthi sekwanele. Ngeke sikwazi ukuqhubeka kanje.”

Usihlalo weSantaco eGauteng uMidday Mali naye ukhulume esithangamini, wathi iningi labashayeli bamatekisi ngabantu abahloniphekile abavuka ngo-3 ekuseni ukuze basize imiphakathi.

“Akuthina sonke esiyizigebengu, akuthina sonke esinodlame, iningi labashayeli bethu livuka ngo-3 ekuseni lisebenzele abantu bakithi ngesizotha nangenhlonipho,” kusho uMali.

Ukhulume ngama-video asabalele akhombisa abaphathi bamatekisi bevimba abantu ukuthi basebenzise izimoto zabo noma bathwale abagibeli.

“Lokhu akwamukelekile, kuphambene nomthethosisekelo futhi akukho emthethweni. NjengeSantaco siyaziqhelelanisa ngokugcwele nale mikhuba,” kusho uMali.

Okhulumela iSantaco, uRebecca Phala, uthe izigebengu sezingene shi embonini yamatekisi kokunye zize zihlukumeze nobuholi bososeshini.

Ukuqinisekisile ukuthi nakuba amanye amalungu emisiwe, imizamo yokuxosha abenzi bokubi iphazanyisa amagebe athile. Lokhu kufaka phakathi abashayeli abamisiwe abajoyina ezinye izinhlangano noma abathuthela embonini ye-e-hailing.

Ebonisa umusa, uTsebe uthe iSantaco izosiza ekukhokheleni umngcwabo kaMvelase futhi ithwale isidumbu sakhe sisuka eGauteng sisiwe KwaZulu-Natal.

“Ngithumele ithimba lami ukuthi likhulume nomndeni, liwubuze ukuthi ngabe ungasinika yini lelo lungelo lokuthatha isidumbu eGauteng siyiswe eKZN siphinde singcwabe isidumbu,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: uMothlabane Tsebe. 

Umthombo wesithombe: @SA_Taxis

Izihloko zakamuva