Umphakathi waseKZN awunawo amanzi nogesi ngemuva kweminyaka engama-27

Lungani Zungu

Kubantu baseMhlathuzana ngase-Clairwood, iminyaka engama-27 yentando yeningi ayikaze ithuthukise izimpilo zabo.

Namanje abanazo izindlu, amanzi nogesi.

“Yizithembiso nezithembiso kuphela. Akukho ukulethwa kwezidingo,” kusho uMlondolozi Solani, ongumhlali weminyaka engaphezu kweyi-14.

USolani uthe i-ANC iyakhumbula ukuthi bakhona ngeminyaka yokhetho futhi nakulo nyaka akuhlukile.

“Abanye abantu be-ANC beze lapha ngempelasonto ngabatshela ukuthi ngeke ngibavotele size sithole izidingo ngqangi,” kusho uSolani.

USolani uhlala emjondolo wothayela onegumbi elilodwa ongenawo amanzi nogesi.

Abahlali kumele bathole amanzi emfuleni oseduze basebenzise namakhandlela ukukhanyisa amakhaya abo.

“Lena impilo esiyiphilayo lapha. Kubuhlungu,” kusho uSolani.

Okuqubule intukuthelo yabahlali ukuthi ugesi ukhona komakhelwane base-Clairwood, cishe amakhilomitha amabili ukusuka kubo.

USolani, nabanye abahlali abaswele bathi ngeke bavotele noma yiliphi iqembu okhethweni lwangoLwezi.

“Besivota kusukela ngowe-1994, kodwa izimpilo zethu zisafana. Kufanele siligcine ivoti lethu”.

UThulani Ngcobo obethukuthele ngokulinganayo naye uvumile.

“Sifuna izindlu, amanzi kanye nogesi. Uhulumeni uhlulekile ukuhlinzeka nganoma yikuphi kwalokhu okuthathu”.

Uthe babambe uhide lwemibhikisho, kodwa izicelo zabo zifika ezindlebeni ezingezwa.

“Esikhundleni sokusihlinzeka ngogesi, i-ANC isinike izikibha,” kusho uNgcobo, osehlale iminyaka engaphezu kweyi-16 emijondolo.

“Akekho umuntu ofuna ukusilalela. Bahlezi bethembisa, kodwa abazifezi izithembiso”.

UNgcobo uhlala nentombi yakhe nezingane zabo ezimbili, ezineminyaka emihlanu neyisikhombisa.

IMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda uthembise ngezinsizakalo ezingcono emiphakathini ebingakabi nazo izidingongqangi.

Izihloko zakamuva