Umphakathi uvika izingwenya

Moyahabo Mabeba

Izakhamizi zenza isiqiniseko sokuthi azihlangani nezingwenya eminyango yabo ngemuva kwezimvula zakamuva ezinamandla esigodini sase-Leeuwfontein.

Lokho kungenxa yokuthi, ngemuva kokuna kwemvula, ingxenye yomxhaso yase-Leeuwfontein eduze kwase-Marble Hall e-Sekhukhune e-Limpopo isiphenduke inkundla yokudlala izingwenya.

Umhlali uBontle Mampuru uthe kubonakale izingwenya ezimbili egcekeni, zihamba eduze kwendlu.

Le ndawo ayinawo ugesi, okwenza kube nzima ukubona izilwane ezihuquzelayo ezibulalayo ebusuku.

“Ngiqale ukubona ingwenya ngesonto eledlule. Ibicishe ibe ngamamitha angu-1,5 ubude futhi isabeka. Bengicabanga ukuthi iyona yodwa kodwa ngemuva kwezinsuku ezimbili ngabona enye eyayincane. Ingene egcekeni ngaphansi kothango ngoba indawo imanzi futhi inodaka”.

UBontle, ohlala nendodana yakhe, uthe bavinjezelwe izingwenya.

“Ngibikele uMasipala wesiFunda i-Sekhukhune bathumela izikhulu. Babone enye yezingwenya bazama ukuyidubula kodwa yanyamalala emanzini anodaka. NgoMgqibelo, bathumele esinye isikhulu esidubule kaningi kodwa sageja. Uthembise ukubuya ngoMsombuluko nesibhamu esikhulu. Ngisathukile ngoba lezi zikhulu azisizi”.

Umhlali wendawo uMamakgane Matjeding uthe izingwenya seziwadlile amadada nezinkukhu.

“Sesilahlekelwe yizinkukhu eziningi. Sinxusa iziphathimandla ukuthi zisukume ngokushesha zizibambe,” esho.

Okhulumela uMasipala wesiFunda i-Sekhukhune uMnu Moloko Moloto uthe izikhulu zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kanye nezikhulu ze-World Life Trade and Regulation zoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nezokuVakasha e-Limpopo banohlelo lokubamba lezi zingwenya.

“Abahlali kumele bahlale beqaphile ikakhulukazi ebusuku kuze kubanjwe lezi zilwane ezihuquzelayo. Umasipala uphinde ugqugquzele abaholi bomdabu ukuthi baqale baxhumane namakhansela ezigceme nomasipala wesifunda ngaphambi kokuthi banikeze abantu izitendi ukuze bagweme ukwaba izitendi ezindaweni ezingamaxhaphozi”.

Izihloko zakamuva