UMnyango wezaseKhaya uvule uhlelo lokwenza ama-Smart ID emagatsheni amabhange angu-110

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

UMnyango wezaseKhaya uphumelele kumgomo wawo wokufinyelela emagatsheni amabhange angu-100 ngoNdasa ukusiza abantu bathole amakhadi abo omazisi.

I-First National Bank ijoyine uhlelo lwedijithali njengebhange lesithathu ukusiza ukwenza izicelo zomazisi emagatsheni alo endawo.

UMnyango Wezasekhaya usufinyelele emagatsheni amabhange angaphezu kwangu-110 ezweni lonke ngokusebenzisana kwawo okusha kwedijithali. Lokhu kusho ukuthi uMnyango usuyenzile inhloso yawo yokuthi ekupheleni kukaNdasa uzofinyelela emagatsheni angu-100.

I-First National Bank (FNB) manje isijoyine uhlelo. Yibhange lesithathu ukuthi libambe iqhaza kulolu hlelo. I-Capitec Bank inamagatsha angu-77 anikeza lolu hlelo kanti i-Standard Bank inamagatsha angu-30. I-FNB isiqalile ngamagatsha amathathu kuze kube manje.

Lolu hlelo olusha luvumela abantu ukuthi bafake izicelo zokushintsha omazisi emagatsheni asebhange esikhundleni sokuya emahhovisi oMnyango Wezasekhaya. Kuze kube manje, izicelo ezingaphezu kuka-25,000 sezicutshunguliwe.

Umnyango uthe uhlelo luyashesha futhi lungacubungula izicelo ezingaphezu kwesisodwa njalo ngomzuzu. Kwezinye izimo, abantu bangaqeda izicelo zabo emizuzwini emihlanu.

Olunye lwezinguquko ezinkulu ukuthi abantu akusadingeki beze namaphepha noma benze ukubhuka. Isistimu isebenzisa izigxivizo zeminwe nokubonwa kobuso ukusiza ukwenza inqubo isheshe futhi iphephe.

Le phrojekthi iyingxenye yohlelo loMnyango Wezasekhaya. Ihlose ukwenza ukuthi izinsiza zitholakale kalula, ikakhulukazi kubantu abahlala kude namahhovisi oMnyango Wezasekhaya. Umnyango uthe uhlela ukukhula kakhulu eminyakeni ezayo.

Umgomo wukuthi ngo-2029 kufike kumaagatsha amabhange angu-1 000. Amanye amabhange afana no-Absa noNedbank kulindeleke ukuthi ajoyine maduze. Kubantu abaningi, lokhu kungasiza ukunciphisa olayini abade.

Esithombeni esingenhla: Umshini wokuzisiza ukwenza i-smart ID ebhange.

Umthombo wesithombe: @Leon_Schreib

Izihloko zakamuva