UMnyango unqamule inkontileka kosomatekisi yokuthutha abafundi

Lubhalwe NguCelani Sikhakhane

Luzulelwa amanqe uhlelo lwezokuthutha abafundi njengoba uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi imali awusenayo.

Lokhu kulandela ukuthi uMnyango wezeMfundo oholwa uNgqongqoshe uMnuz Sipho Hlomuka uthathe isinqumo sokunqamula ingxenye yesabelo mali sonyaka ka-2025/2026 sohlelo lokuthutha abafundi ngesamba esingu-R300 million kusuka ku-R600 000.

Lokhu kushaqise abaningi njengoba kuchaza ukuthi inqwaba yamabhasi namatekisi abeqashelwe lolu hlelo ayavalwa kanti sekuziba nenqwaba yabafundi asebezolubhada ngonyawo amahora beyezikoleni.

Oyisikhulu kulolu hlelo uMnuz Vukani Ndlovu uthe bavale amabhasi abalelwa ku-200 kwangu-560 ngenxa yesimo sezimali.

Udalule nokuthi kunenqwaba yezinkontileka zamatekisi abethutha abafundi ezinqanyuliwe.

Inkosi yesizwe uThathezakhe Ngobese wakwaKhiphinkunzi eNquthu,ithe uHulumeni uyaganga ngoba ziningi izingane eziziyeka izikole ngenxa yokuba kude kwazo nokusaba ukuhamba ngomnyama ekuseni ukuze zifinyelele ezikoleni.
” Uyabona inkinga ukuthi uHulumeni akafuni ukutshelwa ngoba imali yakhe lena. Kodwa okubi ukuthi baningi abazali abangenamali abebethembele kulolu hlelo lwamabhasi oMnyango. Njengoba esewavala kusho ukuthi izingane zibuyela ebugebengwini,ziyeka isikole. Ngiyafisa ayibukisise le nkinga ayifaka kubazali nezingane,” kusho Inkosi uNgobese.

Uthe uHulumeni udlala ngabantu ngoba kunezikole azivalile emakhaya ngesizathu sokuthi isibalo sabafundi sincane kunaleso asidingayo .
” Usuke lapho uHulumeni esevale izikole, waletha amabhasi ngoba sekufanele izingane zihambe amabanga amade kodwa manje useyawavala. Uthi lezi zingane zizohamba ngani ukuya esikoleni,? ” kubuza Inkosi uNgobese.

URiona Gokool weDA uthe ingozi enkulu lena eyenziwa uMnyango ngoba ubeka engcupheni impilo yezingane ikakhulukazi ezamantombazane ngoba zizobulawa ziphinde zidlwengulwe.

Kwenzeka lokhu nje kuthe ngonyaka ka-2015 ithimba labacwaningi elalivela eNyuvesi yaseMelika okuyiHavard lahambela eNquthu nalapho elathola khona ukuthi kunezingane ezihamba amakhilomitha angu-20 nangaphezulu,ziya esikoleni.

Lolu cwaningo lwenziwa esigodini sakwaManxili nakwaZiHlalele ngakubo komculi kaMaskandi uMgqumeni.

Lokhu kwaphoqa ukuthi inhlangano i-Equal Education ifake uMnyango eNkantolo ngalolu daba iphoqa ukuba kuhlinzekwe lezi zingane ngezokuthutha.

Izihloko zakamuva