Omama baseKapa bayeke ukukhokha izikweletu ukuze baxhase uhambo lwekarati lwaseThekwini

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UPriska Nkosi uthengisa izithasiselo zezempilo eKapa ukuze axhase lohambo futhi avikele indodana yakhe ezintweni ezimbi.

Abafundi baseThembani Karate Academy basuka eKapa baye emqhudelwaneni waseNingizimu Afrika ozoba mhlaka-1 kuNtulikazi besebenzisa itekisi.

Omama baseKapa banciphisa kakhulu imali ukuze bathumele izingane zabo emqhudelwaneni wekarate ozoba seThekwini ngoNtulilazi.

UPriska Nkosi uthengisa izithasiselo zempilo ukuze ondle indodana yakhe eneminyaka engu-12 ubudala. Uthi ikarati imgcina ekude nezinto ezimbi.

Umdlalo uyabiza. Abazali bakhokha u-R250 ngenyanga wokuqeqesha, u-R1,600 wezimpahla zokuzivikela, kanye nemali yokumaka u-R380. Uhambo oluya eThekwini lubiza u-R1,500 umuntu emunye kanye no-R2,000 wendawo yokuhlala.

Ukuze akwazi ukukhokhela uhambo lwangonyaka odlule, uNkosi wahoxisa i-debit order waxoxisana nomshayeli wendodana yakhe.

Kulo nyaka, unciphisa isabelomali sakhe segilosa sisuka ku-R1,500 siye ku-R750 futhi usebenzisa inzuzo yebhizinisi lakhe.

UYolanda Dyani naye ulwela ukuthumela izingane zakhe ezimbili kulo mqhudelwano. Uyasebenza, kodwa umholo wakhe awuzihlanganisi izindleko ezengeziwe. Ngonyaka odlule, umama wakhe wamnika imali yempesheni ukuze asize.

“Nakulo nyaka ngizolwamukela noma yiluphi usizo engingaluthola yingakho sicela uxhaso,” kusho yena.

Abazali bathi lo mdlalo ufundisa isiyalo nenhlonipho. Kodwa bayadonsa kanzima ngesikhathi amanye amaqembu endizela emicimbini. Abafundi baseKapa bahamba ngamatekisi.

UMazwi Khuzwayo uqeqesha eThembani Karate Academy. Uthi ukulahlekelwa ngabafundi ngenxa yezinkinga zemali kulimaza iqembu.

“Uma abazali bengazikhokhi izindleko zezingane zabo kusho ukuthi ingane ngeke iwuhambele lo mqhudelwano,” usho kanje.

Ithimba lisuka eKapa ngetekisi ngomhlaka-1 kuNtulikazi. Umqhudelwano weKarate waseNingizimu Afrika uzoba ngomhlaka-3/4 kuNtulikazi. Abanabo abaxhasi futhi bacela usizo.

Esithombeni esingenhla: Abafundi baseThembani Karate Academy eKapa bacela iminikelo yokuhambela umqhudelwano ozoba seThekwini.

Umthombo wesithombe: UMazwi Khuzwayo

Izihloko zakamuva