Lubhalwe NguCelani Sikhakhane
Umholi weNhlangano Abahlali BaseMjondolo Movement usola abaholi bemibhikisho yeMarch and March okungoNgizwe Mchunu noPhakelumthakathi Ndabandaba ngokugwazelwa ngezimoto zikanokusho ukuze baxoshe abantu abakuleli ngokungemthetho.
UMnuz Sbu Zikode ukusho lokhu ekhuluma emcimbini woSuku lweNkululeko obuseShaka’s Head ngaseStanger ngoMsombuluko nokuwusuku abalubiza ngokuthi i-UnFreedom Day.
Utshele amalunga alo mbutho ukuthi kumele babaqaphele oNgizwe noPhakelumthakathi ngoba bayabesaba abelungu kodwa bashaya abantu abamnyama basemazweni ase-Afrika.
“Nibaqaphele labaholi beMarch and March oNgizwe noPhakelumthakathi ngoba nani bazonishaya ngelinye ilanga njengoba umsebenzi wabo kungukushaya abantu abamnyama. Bangamagwala ngoba bayabesaba abelungu. Ngikhuluma nje uPhakelumthakathi uthengelwe imoto ebiza imali engu-R1.2 million ukuze aqhubeke nokuxosha omakhelwane bethu abamnyama abakuleli,” kusho uZikode.
UNgizwe uthe akafuni nokuyiphendula le nkulumo.
” Angimphenduli umuntu engingamazi ungubani vele lowoSbu Zikode ngoba angimazi mina? Ayi mfethu ayikho into engizoyiphendula ethinta lo muntu ngoba angimazi,” kusho uMchunu.
UPhakelumthakathi ukhwele wadilika kuZikode wathi ngabe uchaza ukuthi laba bantu abahlukunyezwa izigebengu zakwamanye amazwe kwaNongoma zingabelungu yini?
“Uyabona lowo ungumfazi , yini lento ayishoyo. ? Okokuqala uma ebabona abelungu abakuleli ngokungemthetho akabajahi ngani? Uyabona kwaNongoma lapho engihlala khona, kunengane esanda kudlwengulwa umuntu omnyama wokufika. Kunowesifazane osanda kubulawa waphonswa emgwaqweni yibo laba bantu bokufika. Leyonto ayenziwanga umlungu. Kunezitolo okungamasaluni neziphaza ebeziphethwe yibo laba bantu kodwa esesizithathile zaphathwa abantu bakithi ngakho angakhulumi into angayazi loyoZikode,,” kusho Phakelumthakathi.
Uthe uZikode uhola abantu basemijondolo okuyibo abahlukunyezwa kakhulu abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho ngenxa yobugebengu ababenzayo.
Uthi kumanje izingane ezifunda emaNyuvesi nezihlala ePhoyinti,ziyaphela izidakamizwa ezidayiswa yilaba bantu abavikelwa uZikode.
