Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Izakhamuzi zihlabe umkhosi e-tuckshop eku-578 Vuyani Street ngemuva kokubona ukudla okuhloselwe imindeni eswele emashalofini.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng, uNomantu Nkomo-Ralehoko, uthi noma ngubani otholakala entshontshe amaphasela okudla, okuhlanganisa nezikhulu zikahulumeni, uzobhekana namacala obugebengu.
Umphakathi waseMagaliesburg wenze lokho umnyango obungakwazi ukukwenza. Babamba umuntu edayisa amaphasela okudla okwenzelwe abampofu.
Ngomhlaka-26 kuNhlaba ka-2026, izakhamuzi zahlangana ngaphandle kwe-tuckshop eku-578 Vuyani Street. Batshele amaphoyisa ukuthi igilosa edayiswa lapho ifana namaphasela okudla kahulumeni, ukudla okunikezwa imindeni edonsa kanzima ngoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng.
Amaphoyisa aseMagaliesburg SAPS aphuthuma khona. Isitolo savulwa bekhona. Ikhansela lewadi lihlonze lezi zimpahla njengamaphasela enzelwe abahlomuli bomphakathi.
Kuboshwe abasolwa kwavulwa icala lobugebengu esiteshini samaphoyisa eMagaliesburg.
Umnikazi we-tuckshop ungowase-Ethiopia. Umsebenzi womnyango okusolwa ukuthi uyathinteka akakadalulwa igama lakhe.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng, uNomantu Nkomo-Ralehoko, uthe lobu bugebengu buhlasela abantu abathembele ekusizeni uhulumeni ukuze baphile.
“Labo abantshontsha ukudla okuhloselwe imindeni edonsa kanzima bantshontshela abantu abalambile, abadala, izingane kanye nemindeni esengozini ethembele kulezi zinhlelo ukuze bathole isithunzi nokuphila,” kusho yena.
UNgqongqoshe uxwayise ngokuthi izikhulu zikahulumeni, abahlinzeki bezinsiza kanye nabantu abazimele abatholakala bebandakanyeka ekuntshontsheni noma ekudayiseni amaphasela okudla bazobhekana nengalo yomthetho. Uphinde waxwayisa ngokuthi amabhizinisi athenga izimpahla zikahulumeni ezebiwe abhekene namacala afanayo.
Umnyango uthi uzoqinisa izinga lokuhlolwa kwezitolo, ama-tuckshops nama-wholesales kulo lonke elaseGauteng, futhi usebenzela ukuhlanganisa izinhlelo zokusabalalisa ukudla ukuze kube nzima ukweba amaphasela ngaphambi kokuthi afinyelele emnyango womuntu.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa abizelwe e-tuckshop eMagaliesburg ngemuva kokuba izakhamuzi zihlabe umkhosi mayelana nokudayiswa kwamaphasela okudla kukahulumeni ngokungemthetho.
Umthombo wesithombe: Umnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi
