ISilo sithi akayindawo uNdamase osolwa ngokutshalwa aboMkhonto weSizwe eNdlunkulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ihlulekile imizamo okuthiwa ibiyenziwa abathile ukuchitha obephethe ihhovisi leSilo uMnuz Zanemvula Ndamase ngoba bemsola ngokufaka umoya woMkhonto weSizwe Party esihlalweni sikaZulu.
Lokhu kulandela ukuthi iSilo kuthe
ngoLwesibili, emhlanganweni obusesigodlweni saseMashobeni,oPhongolo, sabikela abaNtwana ukuthi akayindawo.

Sithe kunalokho usazoqhubeka abengumfana waseNdlunkulu futhi sizombhekela eminye imisebenzi azoyenza kunokuba simxoshe unomphela.

“BoNdaba ngiyazi ukuthi iPrivate Office ebiphethwe uNdamase sesiyovalile kodwa yena akazukuya ndawo. Kunalokho uzoqhubela nokuba umfana walapha eNdlunkulu. Kukhona imisebenzi engisazombhekela yona ukuba aqhubeke nayo. Okwamanje uzosiza ekudluliseni izintambo zomsebenzi kuMntwana Khishwengubani waseGazini osenguMabhalane wami. Lokhu uzokwenza izinyanga ezimbili noma ezintathu,,” kuchaza Ingonyama.
Lo mhlangano ibuhanjelwe abaNtwana bezindlu zaseNdlunkulu kanye noNdunankulu kaZulu, UMfundisi uThulasizwe Buthelezi.

Isilo asizange siyinake noma siyikhulume eyezinsolo ezibhekiswe kuNdamase njengoba kuthe ngoLwesihlanu sageza igama lakhe sithi kungamanga ukuthi kukhona inkohlakalo athinteka kuyo.

Kwenzeka lokhu nje kuthiwa kunabathile abamfuna ehambile uNdamase ngoba esolwa ngokuthi uqhuba izimfuno zeMKP esihlalweni.
Kuthiwa useNdlunkulu kaZulu nje utshalwe aboMkhonto weSizwe Party nokuyinto ayiphikayo.

Izihloko zakamuva