UMengameli nohlelo lokufukula abamnyama kwezomnotho

Dylan Bettencourt

UMengameli uCyril Ramaphosa uqoke umkhandlu ozolungisa kabusha uhlelo lokufukulwa kwabamnyama kwezomnotho.

URamaphosa uchaze lokhu enkulumweni  yakhe yamasonto onke nesizwe ukuthi useqoke umkhandlu ukuze usungule izindlela i-BBBEE engazithatha ukuze kuthuthukiswe ukuzibandakanya kwabamnyama emnothweni waseNingizimu Afrika.

UMengameli uthe ukulawulwa kokuphathwa kwabantu abamnyama, ukwandiswa kokuthengwa kwempahla nokuthuthukiswa kwamakhono yizona zinto okumele zithuthukiswe.

“Uguquko kwezomnotho kanye nokukhula komnotho kuhlangene. Ngeke okunye kube khona ngaphandle kokunye,” esho.

URamaphosa uthe selokhu kwaphela ubandlululo, ubunikazi bezinkampani zabantu abamnyama kwi-Johannesburg Stock Exchange bungaphansi kuka-1%.

UMengameli uthe lesi sibalo “asikathuthuki kangako” kule minyaka engu-28 edlule.

Empeleni uRamaphosa uthe iNingizimu Afrika ibuyele emuva mayelana nokuzibandakanya kwabantu abamnyama kwezomnotho.

“Sibuyele emuva uma kuza ekwandiseni ukulawulwa kwabaphathi abamnyama, ukukhushulwa kwamakhono, ukugxila ekuthuthukisweni kwamabhizinisi kanye nokwandisa ukuthengwa kwempahla ukuze sinikeze amathuba kwabesifazane abamnyama nentsha,” esho.

URamaphosa uthe umkhandlu oqokiwe wakhiwe ohulumeni, osomabhizinisi, abasebenzi kanye nezinye izinhlaka.

“Lo mbiko uqhamuke ocwaningweni olunzulu mayelana nesakhiwo somnotho waseNingizimu Afrika, nokuthi yini ebidingeka ukuze kuguqulwe umnotho, kukhuliswe amabhizinisi abantu abamnyama, kuqinisekiswe ukuphathwa kwabantu abamnyama kanye nobunikazi bamabhizinisi nokuthi kufakwe abesifazane abamnyama emnothweni.

“Ngonyaka ozayo, kuzobe kuphela iminyaka engamashumi amabili kwaphasiswa uMthetho Wokuthuthukiswa Kwabamnyama Kwezomnotho (i-BBBEE) – owasungula lo mkhandlu.”

URamaphosa uthe ukuthuthukiswa kokubandakanyeka kwabamnyama kwezomnotho kubalulekile ekuvuseleleni iNingizimu Afrika kwi-Covid-19.

“Impela, umphakathi waseNingizimu Afrika ongabathengi bezimpahla nezinsiza zabo. Lokhu kufanele kubonakale ekuqashweni nasekuphathweni okuhlukene, kubunikazi nasekuthengeni,” esho.

Umthombo wesithombe: @TheEconomicTimes

Izihloko zakamuva