Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umama waseKapa uthole umsebenzi emkhakheni wezokwakha ngo-2024 ukuze ayeke ukukhathazeka ngokuthengela ingane yakhe encane ukudla.
Uthenga ukudla kwasekuseni okushibhile ukuze akhokhele ugesi kanye ne-policy yomngcwabo kodwa uhlale ekhokha ukugubha usuku lokuzalwa lwengane yakhe.
UZintle Mnisi usebenza kwezokwakha ukuze ondle ingane yakhe okuwukuphela kwayo. Umama uhlala elokishini laseMfuleni eKapa futhi uphila ngokusebenza kwa-Eminan Construction and Project.
Owayengumsizi kathisha waqala umsebenzi wakhe omusha ngo-2024. Usebenza kusukela ngo-08:00 kuze kube u-16:00.
Ukuba nalo msebenzi kusho ukuthi akasakhathazeki ngemali yokuthenga ukudla nezinto zokugeza.
Usebenzisa imali ephakathi kuka-R1,300 no-R1,500 ngokuthenga ukudla, ukhokha u-R200 kagesi futhi ukhokha u-R168 we- funeral policy.
Akakuthengi ukudla kwasekuseni okubizayo njengeFuture Life noma ama-Corn Flakes. Uthenga iphalishi elisheshayo kanye neNutrific.
“Uma ngithenga ukudla ngithenga engingakwazi ukukukhokhela, angithengi izimpahla ezibizayo,” kusho yena.
Yize izinto zibiza, uyaqinisekisa ukuthi unemali eyanele yokugubha usuku lokuzalwa lwengane yakhe.
“Izinto zingabiza kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi ngiyayikhipha ingane uma kuwusuku lwayo lokuzalwa,” kusho yena.
UMnisi uyazi ukuthi isipiliyoni asitholayo sisho ukuthi angafaka isicelo somsebenzi esikhathini esizayo.
“Engikuthandayo ngalo msebenzi ukuthi ngithola isipiliyoni kwezinye zezinto ebengingazazi njengokudweba,” kusho yena.
Esithombeni esingenhla: UZintle Mnisi, umama wengane eyodwa, useyekile ukuthengela indodakazi yakhe ukudla kwasekuseni okumba eqolo futhi wonga imali.
Umthombo wesithombe: Zintle Mnisi
