UMalema uthi uzoba ngumengameli wakuleli kumnyama kubomvu

Celani Sikhakhane

Umholi we-EFF uJulius Malema utshele iNingizimu Afrika ngezifiso zakhe zezepolitiki ukuthi zizomholela kuphi.

“Ngizoba umengameli wezwe uthanda ungathandi,” kusho uMalema etshela abe-Afriforum  eNkantolo yeMantshi yaseRandburg lapho kuqhubeka khona icala lakhe lokubhedla udlame mayelana neculo  elithi “dubula ibhunu.”

“Futhi ngizokwengamela izindaba zaleli izwe, kuhlanganise nawe. Ngicabanga ukuthi kumele uqale nje ulungiselele okuzokwenzeka,” kusho uMalema.

Impikiswano eshisa izikhotha phakathi kukaMalema nommeli we-Afriforum uMark Oppenheimer isidonse amehlo abantu   bakuleli kusukela  uMalema engene ebhokisini lofakazi.

UMalema utshele inkantolo ukuthi ukucula iculo elithi dubula ibhunu akukaze kubhebhethekise udlame olubhekiswe kubalimi.

Uthe leli iculo lomzabalazo.

UMalema utshele u-Oppenheimer ukuthi ngesikhathi iSilo uDingane sithi “bulalani laba bathakathi” kwakungumyalelo oqondiswe kumabutho akwaZulu eNkandla ukuba kubulawe amabhunu. Amagama asho ukuthi “bulala abathakathi.” 

“Kwakuwumyalelo wokubulala, hhayi iculo,” kuchaza uMalema.

Ubecacisa ukuthi iqembu lakhe alikaze lithumele muntu ukuthi abulale abalimi.

U-Oppenheimer uphinde wabuyisa uMalema emazwini awasho eminyakeni edlule ethi angase aphakamise ukuthi kubulawe abantu abamhlophe esikhathini esizayo.

UMalema uphendule ngokuthi angeke ayalele  ukuthi kubulawe abantu abamhlophe.

Uthe uma eyalelwa ukuthi aziqhelelanise neculo elithu ‘dubula ibhunu’ kuzofana nokuthi uziqhelelanisa nomzabalazo.

U-Oppenheimer uqhathanise isifiso sikaMalema sezinguquko kwezomthetho nomthethosisekelo wasifanisa namaNazi asebenzisa umthetho ukubulala amaJuda.

Ngaphandle kwenkantolo uMalema utshele abalandeli bakhe ukuthi noma bengambulala ngeke baqede ngaye ngoba baningi abafana naye.

Izihloko zakamuva