ULibbok uyaqhubeka nokuzimisela

Lubhalwe nguToby Shapshak

Iphasi emangalisayo ebisuka kuManie Libbok iya kuKurt-Lee Arendse emdlalweni weNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo wamaBhokobhoko izolo ebusuku ibe sematheni ezinkundleni zokuxhumana – njengoba bekufanele.

Kungenzeka ukuthi akubanga usuku oluhle ku-flyhalf ngemuva kokugeja amaphenathi amabili kanye ne-conversion, kodwa kube wumdlalo omuhle usuwonke.

ULibbok, obengekho esikwatini samaBhokobhoko ngonyaka odlule useyi-flyhalf ehamba phambili kompetha bomhlaba abanethemba lokuqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba izindebe ezine zeNdebe yoMhlaba.

ULibbok akagcinanga ngokuqinisa indawo yakhe eqenjini lamaBhokobhoko uphinde waba sematheni ngokukhahlela kahle ibhola abadlali abaningi abebengakuthola kunzima ukukwenza amehlo abo ebheke ebholeni.

Emasontweni amabili edlule emdlalweni wokugcina wokuzilungiselela bebhekene nama-All Blacks, uLibbok ukhombise wonke amakhono akhe njengoba enzile emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba bedlala ne-Scotland.

Abalandeli bombhoxo bangase baqhubeke nokugxeka ukushoda komdlali okwazi ukukhahlela kahle njengoba (uFaf de Klerk naye ugeje iphenathi).

Yize kunjalo, akukho nkulumompikiswano ngokuthi uLibbok uyithalente elishunqa bhe elizoba semqoka kakhulu ekutheni amaBhokobhoko agcine isicoco sawo seNdebe yoMhlaba.

Funda ngalo mdlali kuphrofayili ye-Scrolla.Africa lapha.

Esithombeni esingenhla: Iphasi kaManie Libbok

Umthombo wesithombe: RugbyPass

Izihloko zakamuva