Ukungakhokhelwa kwezingcingo kwenza kube nzima ukutholaka kwama-ambulensi e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uvumile ukuthi izingcingo eziphuthumayo zama-ambulensi zinqanyulwe isonto lonke ngenxa yokuthi uhlulekile ukukhokhela abahlinzeki.

Izakhamuzi azikwazanga ukuthola usizo lwama-ambulensi kusukela ngoLwesibili olwedlule njengoba kunqanyulwe izingcingo, nokubeka inqwaba yezimpilo engcupheni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMkhululi Ndamase ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi izingcingo zama-ambulensi bezivaliwe esifundazweni sonke.

“Umnyango uyaxoxisana nenkampani ehlinzeka ngezinsiza futhi uzibophezele ekuqedeni isikweletu ekuqaleni konyaka wezimali ozayo ekuqaleni kukaMbasa, siyathemba ukuthi olayini bezingcingo bazovulwa maduze,” kusho uNdamase.

Kodwa ke akakwazanga ukuqinisekisa imali ekweletwayo kodwa wathi izikhungo zisebenzisa omakhalekhukhwini kuze kube luyalungiswa lolu daba.

NgoLwesihlanu, umnyango uthumele isaziso esithi: “Isikhungo sezingcingo zama-ambulensi sibhekene nezinselelo zobuchwepheshe. Ngenxa yalokhu, imiphakathi ingase ikuthole kunzima ukufinyelela esikhungweni sezimo eziphuthumayo.”

Kube sekukhishwa ezinye izinombolo zocingo lwasendlini ezintathu kanye nenombolo kamakhalekhukhwini izakhamuzi ezingayisebenzisa ngesikhathi sezimo eziphuthumayo ukuze zithumelele abe-Emergency Medical Services (EMS) umlayezo ngo-WhatsApp.

Umhlali wase-Eastern Cape, uZonwabele Tshayana, uthe ube nenkinga yokuthola i-ambulensi ngempelasonto.

“Ngehlelwe isimo esiphuthumayo phakathi kwaseNgcobo nase-Cofimvaba, ngase-Ngcwarhu Hills naseMabelentombi.  Sishayele inombolo-112 sabacela ukuthi basidlulisele kulayini wama-ambulensi kodwa bangakwazi ukufinyelela eNgcobo, e-Cofimvaba, e-Queenstown noma e-Butterworth,” kusho uTshayana.

“Izingcingo bezingangeni. Ngishayele inombolo yamahhala yokunakekelwa kwamakhasimende kodwa aluzange lungene.”

Ugcine eseshayele imoto yakhe wayisa isiguli esibhedlela ngezikhathi zasekuseni ngeSonto.

Umsebenzi wezimo eziphuthumayo ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe wesabela ukuthi le nkinga yolayini bezingcingo ingase ibeke impilo yabezempilo engcupheni ngoba izakhamuzi ezithukuthele azifuni nokuyizwa eyezaba.

“Abantu abazazi lezi zinombolo ezintsha. Basola thina ngokonakala kwezinto ngoba sifika sekudlule isikhathi noma singafiki nhlobo,” kusho umsebenzi we-EMS.

Ubalule isigameko lapho umngcwabi efike ehhovisi lakomkhulu lakwa-EMS ephethe isidumbu ngesikhathi engabatholi ocingweni.

Esithombeni ngenhla: Ama-ambulensi ase-Eastern Cape.

Umthombo wesithombe: ECDOH

Izihloko zakamuva