Ukuhoxa kwethimba labammeli bakaZuma kungahle kube ukubambezeleka kwecala

Lungani Zungu

Ukusula kwethimba labammeli bakaJacob Zuma kungahle kube yindlela nje yokugwema ukuya enkantolo ngecala lakhe lenkohlakalo leminyaka eyi-15.

Lokhu kushiwo yisazi sezomthetho u-Ulrich Roux, we-Ulrich Roux & Associates, otshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngeke amangale uma ukwesula kwethimba labammeli bakaJacob Zuma izolo (ngoLwesithathu) kube iqhinga elibambezela ngamabomu.

“Yize kunjalo nje, uZuma ubelibambezela leli cala selokhu abekwa lona,” kusho uRoux.

Uthe uZuma unelungelo lokuthola ithimba lezomthetho uma ngabe ubudlelwano abenabo nalabo abekade esebenzisana nabo buphazamisekile. Kodwa wengeza ukuthi ithimba labammeli elisha likaZuma kuzofanele lethule impikiswano eqinile uma befuna ukuthi leli cala leminyaka engaphezu kweyi-15 lihlehliswe futhi.

“Sizobona uma esevela enkantolo ngemuva kwamasonto amathathu,” kusho uRoux.

Omunye ummeli wamacala obugebengu uthe uma le bekuyindlela yokubambezela “yiqhinga elidala kunawo wonke encwadini,” kanti omunye uthe ukushintshwa kwethimba kungasho ukubambezeleka komunye unyaka.

Ummeli kaZuma u-Eric Mabuza, we-Mabuza Inc ufake isaziso sokuhoxa ngoLwesithathu ngaphambi kokuqulwa kwecala obekulindeleke ukuthi liqale mhla zi-17  kuNhlaba.

Ummeli Omkhulu uMuzi Sikhakhane ngeke esaba yingxenye yethimba labammeli bakaZuma.

UMabuza akazange abeke izizathu zokulaxaza uZuma.

INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala isanda kusichitha isicelo sikaZuma sokuguqula isinqumo sangaphambilini seNkantolo eNkulu yase-Gauteng, sokuthi wayengenalo ilungelo lokuthola uxhaso lwemali futhi kumele akhokhe imali yezomthetho engaphezu kwezigidi ezingama-R25.

Okhulumela i-NPA uSipho Ngwema uthe bakulungele ukuqhubeka naleli cala.

Indodana kaZuma u-Edward yenqabile ukuphawula, ngenkathi imizamo yokukhuluma noMabuza ingaphumelelanga.

Izihloko zakamuva