Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Uthisha we-History weBanga leshumi eVilla Lisa Secondary School eBoksburg, eKurhuleni, ushiye phansi i-ActionSA ngemuva kokusolwa ngohamba nabafundi waya nabo emcimbini wepolitiki.
Ngomhlaka-9 kuMbasa, uthisha, owaziwa ngelika-“Teacher Maluleka”, kanye nabanye othisha ababili kusolakala ukuthi bathatha abafundi abangu-65 baya emcimbini obekumele kube umbukiso wemisebenzi. Lo mcimbi ubuhanjelwe nguMengameli we-ActionSA uHerman Mashaba.
UMaluleka obenguNobhala weqembu eGauteng, uthe iqembu alimesekanga ehlaselwa ngamazwi ngesikhathi sokhetho.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uMaluleka uthe ukungena kwakhe kulolu hambo kusetshenziswe kabi eqenjini ngoba engumholi weqembu.
“Iqembu alizange lisize ekugezeni igama lami langishiya ngilwela umsebenzi wami ngedwa. Ngibona kungcono ngiqhubeke nokulwa ngaphandle kokuba yingxenye yanoma yiliphi iqembu lepolitiki,” usho kanje.
UMaluleka uchaze ukuthi lo mbukiso uhlelwe yiGordon Institute for Business Science yaseNyuvesi yasePitoli futhi ubuhanjelwe yizikhungo zezimali nabanikele ngemifundaze.
“Leli bekuyithuba lokuthi abafundi abaphuma emakhaya ahlwempu bafunde ngezindlela ezahlukene zokuthola imali uma sebeqede isikole. Lo mcimbi ubunamaqembu epolitiki ahlukene, izikole nezikhungo. Ngimangele uma sekuthiwa ngibayise emcimbini we-ActionSA,” usho kanje.
USihlalo wesifunda we-ActionSA uPhillip Dolo uthe uthisha akakaze acele usizo eqenjini.
“Uthisha usebenzela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo futhi uyayilandela imithetho yawo. Uma ephule noma yimiphi imithetho, kuphuma ku-DBE. Siyazi ukuthi wesulile eqenjini, kodwa akazange asitshele izizathu zakhe,” usho kanje.
Osesithombeni esingenhla: Uthisha uMaluleka.
Umthombo: Sithunyelwe