Ezenzeka emhlabeni jikelele: UKamala Harris uzongena esikhundleni sikaJoe Biden

URorisang Modiba ukulethela kafushane izindaba zansuku zonke ezenzeka kumazwe ngamazwe.

E-USA – UMengameli uBiden usegunyaze uKamala Harris njengophakanyiswe iDemocratic Party ukungenela ukhetho lukaMengameli lwango-2024, kanti lokhu kuzophonselwa inselelo uDonald Trump omele iRepublican Party. Amandla okumeseka asevele anyuka ngokushesha. Uzalwe abazali bokufika e-Oakland, e-California, uHarris unesizinda esiqinile samalungelo abantu. Waba ngummeli wesifunda wokuqala wesifazane wase-San Francisco ngo-2004, wabe eseba ngummeli jikelele wase-California. UHarris wethula umkhankaso wokuba nguMengameli ngo-2019 kodwa wahoxa ngenxa yezinkinga zezimali. Manje, ngokugunyazwa uBiden, usemiselwe ukuqokwa kwiDemocratic National Convention ngoNcwaba.

???E-Germany – URico Krieger, oyisakhamuzi sase-Germany, ugwetshwe intambo e-Belarus ngenxa yobushokobezi nezenzo zobugovu ngokusho kwenhlangano yamalungelo abantu e-Viasna. UKrieger (29), owayeyisisebenzi sase-German Red Cross kanye nesikhulu sezokuphepha seNxusa laseMelika ugwetshwe ngomhlaka-24 kuNhlangulana yiNkantolo yesiFunda yase-Minsk. Ubekwe icala lobushokobezi, ubuphekula nezenzo ezingekho emthethweni ezihlobene nezibhamu. UKrieger utholwe enecala lokuhlela ukufuna ukuqhumisa ibhomu ukuze athonye iziphathimandla futhi abange izinxushunxushu emphakathini.

E-India – Umfana oneminyaka engu-14 ubudala e-Kerala, e-India, ubulawe yigciwane i-Nipah, elingenalo ikhambi noma umuthi wokugoma elidala umkhuhlane obulalayo, ukuvuvukala ebuchosheni. Abantu abangu-60 abake baxhumana naye manje sebebhekwa njengengcuphe enkulu. UDkt Anoop Kumar wasesibhedlela i-Aster MIMS uthe mancane amathuba okuqubuka kwesifo, kodwa isimo sizobhekwa izinsuku eziyisikhombisa kuya kweziyishumi ezizayo. Sekuhlelwe amawadi abazohlala kuwo, futhi amalungu omndeni nabanye abantu abasengozini bayagadwa noma bacelwe ukuthi bahlale bodwa. I-Nipah, eqhamuka kumalulwane (fruit bats), ibangele ukufa kwabantu e-Kerala kusukela ngo-2018 futhi yaqala ukuhlonzwa e-Malaysia eminyakeni engu-25 edlule.

E-Idaho – UPayton McGriff, egqugquzelwe yincwadi ethi Half the Sky phakathi nonyaka wakhe wokuqala eNyuvesi yase-Idaho, unqume ukusiza amantombazane ukuthi afunde emazweni asathuthuka. Ethuswe ukuthi amantombazane angu-129 million emhlabeni wonke awafundi, uthole ukuthi umfaniswano uyizindleko ezinkulu ezigcina izingane zamantombazane zingayi esikoleni. UMcGriff usungule inhlangano engenzi nzuzo ethi Style Her Empowered (SHE). Inhlangano yakhe ihlinzeka amantombazane angu-1,500 minyaka yonke e-Togo ngemifaniswano yamahhala, imali yesikole, izinsiza, nokufundisa, okwehlisa kakhulu izinga lokuyeka isikole nokulova.

Isithombe esingenhla: UKamala Harris kanye noMongameli uJoe Biden.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva