UNaledi Pandor useyazisola ngokuhoxa embangweni wobuholi be-ANC eNasrec

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ObenguNgqongqoshe wezoBudlelwane namaZwe angaPhandle uDkt Naledi Pandor uthi useyazisola ngesinqumo sakhe sokuhoxa embangweni wesikhundla sephini likaMengameli we-ANC engqungqutheleni eyayiseNasrec ngo-2017 njengoba kwagcina kungene uMnuz David Mabuza.

UDkt Pandor ukusho lokhu engxoxweni abenayo nephephandaba langeSonto iSunday Times nalapho ekhale khona kakhulu ngamanye amaqabane ukuthi amphoqa ukuba ahoxe kulo mbango naye wavuma.

“Sengiyazisola ngalesi sinqumo ngoba okwakumele ngikwenze kwakufanele ngidedele amagatsha avote ukuze kucace ukuthi ngabe ngiyanqoba yini. Nokho ngabanovalo ngazitshela ukuthi angilalele laba abathi angihoxe,” kusho uDkt Pandor.

Kuleya ngqungquthela, okwakuphela kuyo ihlandla lesibili nelokugcina likaMnuz Jacob Zuma njengoMengameli we-ANC, kwakuminyene utshumo njengoba babeyisikhombisa ababegaqele isikhundla sokuba uMengameli kaKhongolose umasekukhethwa.

Phakathi kwabo kwakunguNkk Lindiwe Sisulu, uNkk Baleka Mbete, uDkt Nkosazana maDlamini-Zuma, uDkt Zweli Mkhize, uMnuz Cyril Ramaphosa, uMnuz Matthews Phoswa noMnuz Tokyo Sexwale. Kwagcina kuphumelele uRamaphosa, osaphethe namanje.

UDkt Pandor uthi ngemuva komzuzwana ememezele ukuthi useyahoxa, kwaqhamuka elinye iqabane lamuthethisa lithi mkhuba muni lona awugilayo ngoba beyizithunywa bebethi bazovotela yena.

Ngesikhathi ehoxa wayekade ecelwe uRamaphosa ukuthi abesekhempini yakhe njengozoba iphini likaMengameli kodwa kuthe uma sekusengqungqutheleni wahoxa.

Ngaphambi kwalokho kusabhekwe eNasrec kukhona iqeqebana elalifuna ukufolosa ngaye njengozoba uMengameli angene ezicathulweni zikaZuma.

Nokho kwathi uma efika emhlanganweni wesidlo santambama ayemenyelwe kuwo ukuzophakanyiswa ngokusemthethweni, wahlala imizuzwana wabaleka.

Ngalolo suku waveza ukuthi unqume ukuwushiya umhlangano ngoba ebona ukuthi kuzokwenziwa into angahambisani nayo.

UDkt Pandor ongumunye womakadebona bakaKhongolose ngisho nakuHulumeni.

Ungumzukulu kaSolwazi waseFort Hare University, uZachariah Keoderelang ZK Matthews. Uzalwa ngomunye wabaholi be-IFP ababeqavile nongasekho uDkt Joe Matthews.

UDkt Pandor uzibeke phansi izintambo kuHulumeni ngemuva kokhetho obelungoNhlaba.

Izihloko zakamuva